Nkosi Ngibheka Kuwe, Ngisize Ngibe Umzali Oqotho

Ngiyakunxusa Thixo wami. Ngifisa ukuba ngumzali oqotho. Ngicela ungiphe intando yokuthanda izingane zami ngokulinganayo noma ngabe kazifani ngokwenza. Ngiyakunxusa Nkosi yami, ungiphe ubuhlakani. Ze ngikhulise abantwana bami ngentando ebusiswe nguwe. Ngisize Nkosi, ngibahloniphe, nabo futhi babonele kimi ukuthi inhlonipho inomvuzo omuhle. Nkosi, kabayifunde kimi inhlonipho, ze ungisize ungilolonge emizamweni yami yokuhlonipha impilo. Baphe isibindi Nkosi … Read more

Incwadi yomzali eya emntwaneni

Ngane yami, ntandokazi yami, ngicela ulalele la mazwi: Konke kunesikhathi nesizathu sakho. Bonke abantu ohlangana nabo empilweni banesifundo abangashicilela empilweni yakho. Bangakushiya okuhle, futhi bangakuletha nokubi kodwa okubalulekile isifundo abasishiya phezu kwempilo yakho. Lesi sifundo sibalulekile ngoba sikufundisa amandla akho okwamukela, okubekezela nawokwenza. Konke kwenzeka ngesizathu. Akukho nje okuvele kuqhamuke esithubeni. Yonke into inomsuka wayo. … Read more