Nkosi Ngibheka Kuwe, Ngisize Ngibe Umzali Oqotho

Ngiyakunxusa Thixo wami. Ngifisa ukuba ngumzali oqotho. Ngicela ungiphe intando yokuthanda izingane zami ngokulinganayo noma ngabe kazifani ngokwenza.

Ngiyakunxusa Nkosi yami, ungiphe ubuhlakani. Ze ngikhulise abantwana bami ngentando ebusiswe nguwe.

Ngisize Nkosi, ngibahloniphe, nabo futhi babonele kimi ukuthi inhlonipho inomvuzo omuhle. Nkosi, kabayifunde kimi inhlonipho, ze ungisize ungilolonge emizamweni yami yokuhlonipha impilo.

Baphe isibindi Nkosi sokubhekana nezingqinamba zempilo Nkosi yami. Nami ngiyakunxusa Mdali, ngiphe isibindi sokubatshela ngobunzima bempilo.

Mangikwazi ukubaqonda emehlweni, ngibatshele ukuthi umhlaba usazobagawula ngobhushu wenjabhiso nokudumala kanye nezimpama zokuphoxeka nokugileka. Baphe Amandla okunqoba omubi wena Mavula-Kuvaliwe.

Ngiphe amandla ke okubakhulisa ngokubaqondisa ukuthi impilo iza nezivunguvungu nezigigaba ezinamandla okuthikameza umphefumulo, kodwa ngibheka kuwe Nkosi, ngithi baphe amandla okuphila ngeqiniso nangakuthembeka noma ngabe kuqhamuka hlobo luni lwesilingo.

Ngisize Nkosi, ngibafundise ebuncaneni babo ngentokozo yenhliziyo enokuthula ngenkululeko. Mabalimumathe ivangeli lokuzithoba empilweni.

Ngisize Nkosi, ngibasize ngibagqugquzele ngamakhono abo, kepha ngingangeni esilingweni sokubaqhathanisa. Ngifisa abami abantwana bakuqonde ukuthi asikho isidingo sokuthi abantu benze into ngokufana, nokuthi bazizwe engathi bayancintisana. Omunye ngomunye makadlale indima yakhe.

Ngifisa abami abantwana bakuqonde mese beyakuhlonipha lokhu: emhlabeni ziningi izinhlobo zabantu, banikwe iziphiwo namathuba angafani, futhi bakholelwa ezintweni ezingafani. Kasikho nhlobo isizathu sokuthi benze ngokufana.

Ngifisa ukuba bazethembe, bakuqonde ukuthi umvuzo omuhle yilowo umuntu azijulukele wona.

Kepha okubalulekile Thixo, ngisize ngibafundise ukuthi ukuqala kokuhlakanipha wukusaba Wena.

_______________________________________________________________________________

The above article demonstrates a parent’s prayer, seeking wisdom from God to best raise his children. The father seeks guidance from God on issues such as morality, respect and values.

2 thoughts on “Nkosi Ngibheka Kuwe, Ngisize Ngibe Umzali Oqotho”

Leave a Reply