Inkosi Buyelekhaya Zwelinbanzi Dalindyebo ulibangise kwaNxamalala.

Inkosi uBuyelekhaya Zwelinbanzi Dalindyebo kaSabata oyinkosi yabaThembu uthi amabombo abheke kwaNxamalala, eNkandla. Njengoba ebheke eNkandla nje uyobona lowo owayengumongameli wakulelizwe uMnu Jacob Zuma njengoba ubekade eboshiwe esesekhaya. Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi azikho izitha zaphakade, lokhu kubonakala ngakho ukuthi inkosi yabaThembu ibhekise amabombo kwaNxamalala eyobheka uMsholozi. Kuzokhumbuleka ukuthi phela inkosi bekuyi nkukhu nempaka noNxamalala. Lokhu kwakudalwe ukuthi … Read more

Bamfuna Ezikhindini uZuma

Kazi iyozala nkomoni kwelika Nxamalala. Owayengumongameli wezwe uMnumzane uJacob Zuma kubukeka bebaningi abamfuna ezikhindini. Iqembu lepolitiki iDemocratic Alliance (DA) lithi kwangungekho emthethweni ukudedelwa kukaZuma ejele ngesizathu sesimo sempilo yakhe ekwabikwa ukuthi ibuthaka. Kunjalo nje akuyona iDA kuphela engahambisani nalesi sinqumo ne-Afro Forum kanye neHelen Suzman Foundation basiphosele inselelo lesisinqumo enkatolo ephakeme. Lokhu kuholele ekutheni isinqumo … Read more

Ukukhululwa ejele nokwamukelwa ngomkhuleko kukaNxamalala

Wagcina ephumile ejele owayenguMongameli wakulelizwe uMnzaneum Gedleyihlekise Mhlanganyelwa Zuma. Kuzokhumbuleka ukuthi uMsholozi besike sabhala ngaye kulengosi yolwazi lwesintu sibhunga indaba yokuboshwa kwakhe. Eze eboshwe nje wayekade enqabe ukuqhubeka nokuthula ubufakazi kwiZondo commission mayelana nezinquma ezathathwa uhulumeni ngesikhathi sobuholi bakhe engumongameli. Isigwebo sakhe wayesiqale ngomhlaka 08 Julayi ejele lase-Escourt. Isizathu esenza ukuba akhululwe ejele abahlangekazi bakhale … Read more

Isinqumo senkantolo ngoNxamalala

Izwe liyadunguzela kulezinsuku njengoba kunendaba esematheni nje mayelana nesinqumo esikhishwe inkantolo ephakeme ebizwa ngokuthi i “Constitutional court” mayelana nesinqumo sokubekwa kwecalwa kuphinde kugwetshwe loyo ubengumongameli waseNingizimu Afrika uDokotela Jacob Gedleyihlekise Zuma. Lidunguzela nje izwe, bese kunesikhathi uNxamalala ehamba izinkantolo mayelana namacala ahlukahlukene, kepha ke isinqumo sokuthi agwetshwe sisuka ekutheni wabuye wahosha imfe, wenqaba ukuqhubeka nenkulumo … Read more