Ukukhululwa ejele nokwamukelwa ngomkhuleko kukaNxamalala

Wagcina ephumile ejele owayenguMongameli wakulelizwe uMnzaneum Gedleyihlekise Mhlanganyelwa Zuma. Kuzokhumbuleka ukuthi uMsholozi besike sabhala ngaye kulengosi yolwazi lwesintu sibhunga indaba yokuboshwa kwakhe. Eze eboshwe nje wayekade enqabe ukuqhubeka nokuthula ubufakazi kwiZondo commission mayelana nezinquma ezathathwa uhulumeni ngesikhathi sobuholi bakhe engumongameli. Isigwebo sakhe wayesiqale ngomhlaka 08 Julayi ejele lase-Escourt.

Isizathu esenza ukuba akhululwe ejele abahlangekazi bakhale ngokuthi akaphilile kahle base becela ukuba isigwebo sakhe asiqedela ekhaya ukeze ahlinzekwe kahle ngezidingo zakhe zokwelashwa. Abomnyango wokuhlunyuleliswa kwezimilo bakhipha isitatimende esithi “Medical parole placement for Zuma means that he will complete the remainder of the sentence in the system of community corrections, whereby he must comply with a specific set of conditions and will be subjected to supervision until his sentence expires,”. Lokhu kusho khona ukuthi ukukhishwa kwakhe ejele kuhambisana nemigomo nemibandela ethile okumele ayilandele akabekelwe yona isona lesigungu sika hulumeni.

Noma ephumile uMsholozi ejele kodwa usaphuma engena ezinkantolo ngenxa yokuthethwa kwecala leminyaka elibizwa ngokuthi “Arms deal”, nakhona ekusolakala ukuthi kwaba nezivumelwano zenkohlakalo kulo. Ukuphuma kuka Nxamalala kwehlukanisa imbono kwabaningi, ngoba abanye babekholelwa ukuthi kuyenzelelwa ngoba kade enguMongameli, abanye bathI kwakuvele kungafanele abashwe kwasekuqaleni. Ngoba phela alikho icala ayebekwe lona yinkantolo. Ukukhululeka kwabantu eNingizimu Afrika ikhona okuvumela abantu ukuthi babe nembono ehlukene futhi bakwazi nokuthi bazikhulume izinto ezithinta ezokuphathwa kwezwe okuhlanganisa nazo izinkantolo uqobo.

Kubanjwe umkhuleko wokwamukela loyo owayenguMongameli wezwe uJacob Zuma ekhaya ngemuva ngokuba egcine ewutholile ushwele (5 Septemba) wokuqedela isigwebo sakhe ekhaya ngenxa yesimo sempilo yakhe engeyinhle.  Uzokhumbula ukuthi uMsholozi bekumele ahlale ejele izinyanga ezingu-15 ngemuva ngokujwetshelwa ukungayilandeli imithetho yenkantolo. Uqale ukudonsa isigwebo sakhe ngoJulayi e-Escourt Correctinal Service lapho ahlale khona izinsuku ezingu-58.  

Abalandeli baba uNxamalala bebephume ngobuningi babo bezothamele lomkhuleko obubanjelwe eMoses Mabhida (People’s Park) eThekwini. Badele ukushiswa yilanga ebelikhipha umkhov’ etsheni, amazinga okushisa edonsela ku-36 degree Celsius. Kubalandeli abebekhona singabala indodakazi yakhe uDuduzile Zuma, abaholi bamabandla, amalunga oMkhonto weSizwe (MKMVA), owayengunobhala njikelele we-ANC u-Ace Magashule, Carl Niehaus, Dr Andile Hlatshwayo ongusihlalo we-Ubumbano lokuthula, oweyeyi Mayor yeTheku uZandile Gumede kanye namanye amalunga ahlukene.

UNxamalala ubengekho kulomkhuleko ngenxa yokwelulekwa uthule inkulumo abeyibhekise kubalandeli ngezokuxhumana esekhaya lakhe eNkandla. Abalandeli abanqamuka ezindaweni ezahlukene abebegqoke izikipha zomfaniswano ebezinobuso bakhe uMsholozi batshengise ukujabula, abanye bebephethe izinqembe ezibonga ukukhululwa kukaZuma ejele.

Lomkhuleko obuhlelwe iJacob Zuma Foundation udale ukungaboni ngaso linye phakathi kwabaholi bamabandla banye baveze ukuthi igama lowayengumongameli uJaboc Zuma lizosetshenziswa ukuzuza imali ngabathile. Elinye lamalunga abaholi uBishop Sandile Ndlela uveze ukuthi kunamalunga (interfaith council) afuna ukuzuza imali kumaspala weTheku.

Article Overview

There was a welcome home prayer held for the former president Jacob Zuma. Msholozi’s supporter come out in numbers at the Moses Mabhida Stadium in spite of the hot weather of Thusday the 15th October. Religious leaders, traditional healers, suspended ANC secretary-general Ace Magashule, former eThekwini mayor Zandile Gumede, Carl Niehaus and his daughter Duduzile Zuma were among the supporters of the prayer service. Jacob Zuma was not present during the prayer service but delivered his speech via social media platform (YouTube). Other supporters who wore t-shirts bearing Zuma’s face seemed overjoyed while others held posters that saw gratitude for Zuma’s release.

Leave a Comment