Inkosi Buyelekhaya Zwelinbanzi Dalindyebo ulibangise kwaNxamalala.

Inkosi uBuyelekhaya Zwelinbanzi Dalindyebo kaSabata oyinkosi yabaThembu uthi amabombo abheke kwaNxamalala, eNkandla. Njengoba ebheke eNkandla nje uyobona lowo owayengumongameli wakulelizwe uMnu Jacob Zuma njengoba ubekade eboshiwe esesekhaya. Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi azikho izitha zaphakade, lokhu kubonakala ngakho ukuthi inkosi yabaThembu ibhekise amabombo kwaNxamalala eyobheka uMsholozi. Kuzokhumbuleka ukuthi phela inkosi bekuyi nkukhu nempaka noNxamalala. Lokhu kwakudalwe ukuthi uhulumeni abophe inkosi ngonyaka ka-2015 lokhu okungehlanga kahle.

Kanti ke nangaphambi kwakho ukuthi uNxamalala aboshwe, uBuyelekhaya wasihlaba wasihlikiza isinqumo sokuthi kugwetshwe uMsholozi. Ekhala ngokuthi akusibona Ubuntu ukubopha umuntu osekhule kanje kutshengise noku ngahloniphi. Kuningi ke kodwa esikufunda ngalesenzo senkosi ukuthi siyovela kwaNxamalala. Lento isho khona ukuthi abaphathi babantu ngaphansi kwesandla samakhosi kusasebenza yize sesiphila ezweni lezombusazwe ngepolitiki. Noma kubuye kube khona ukushayisana phakathi kwabendlu yomdabu nalaba abakwezo mbusazwe kodwa kukhona la okuhlangana khona ixhama. Izinhlaka zikahulumeni ezifana noCooperate Governance and Traditional Affairs zisilulile isandla emakhosini ukuthi nawo abe nezwi njengase mandulo mayelana nezinhlelo ezithinta abantu bazo.

By Dudu Zuma

Ukulibangisa kwenkosi yabaThembu ilibhekise kwaZulu, kusho khona ukuthi akukho mncele phakathi kukaZulu nabaThembu futhi akukho gazi elibi. Kanti ke ukuya kwakhe kwaNxamalala kusho khona ukuthi sizingane zandawonye njengabantu abaNsundu. Kuphinde kuveze khona ukuthi labaholi sebekhumelene umlotha njengoba babe gxobene amakhona. Baningi ke nabanye abaye kwaNxamalala ukuyovakashela uMsholozi. Abanye bahamba nangaphambi kokuthi aboshwe beyomeseka.

Brief overview

It has been widely reported that King Dalindyebo of abaThembu kingdom is planning to visit former President Jacob Zuma in his homestead at Nkandla. His visit signifies peace among the two former comrades who at some point were at loggerheads. The dispute between the pair came after the King was arrested by Zuma’s administration in 2015. The visit also points out to the co-existence, and interaction, of different forms of leadership – traditional and political leadership – in South Africa’s democracy.

Leave a Comment