Bamfuna Ezikhindini uZuma

Kazi iyozala nkomoni kwelika Nxamalala. Owayengumongameli wezwe uMnumzane uJacob Zuma kubukeka bebaningi abamfuna ezikhindini. Iqembu lepolitiki iDemocratic Alliance (DA) lithi kwangungekho emthethweni ukudedelwa kukaZuma ejele ngesizathu sesimo sempilo yakhe ekwabikwa ukuthi ibuthaka. Kunjalo nje akuyona iDA kuphela engahambisani nalesi sinqumo ne-Afro Forum kanye neHelen Suzman Foundation basiphosele inselelo lesisinqumo enkatolo ephakeme.

Lokhu kuholele ekutheni isinqumo saphambilini sibhekisiswe kabusha ngaphansi kwenkantolo ephakeme ePitoli. NgoSepthemba i-Afro Forum yafaka isicelo senkantolo sokubeka eceleni isinqumo sesikhulu samaphoyisa u-Arthur Fraser sokudedela okaNxamala. I-Afro Forum ibi eyesithathu inhlangano  ebhalele inkantolo ngelikaZuma ilandela iDA kanye neHelen Suzman Foundation. Uzokhumbula ukuthi kungekudala bekubanjwe umkhuleko wokwamukela uZuma ekhaya ngemuva kokukhishwa ejele ngepharoli.

Isithombe: Doctor Ngcobo/ African News Agency

UFraser ekhuluma kwabezindaba kwaSABC wavuma ukuthi uyena owathatha isinqumo sokukhulula uZuma ukuba aboshelwe ekhaya. Ekhuluma nabezindaba okaFraser waphinda waveza ukuthi ochwepheshe kwezimpilo ngaphansi kweCorrectional Service Act abavumelananga ukudedelwa kwaZuma ngoba isimo sempilo yakhe sasibukeka singenankinga.IDA ifuna kususwe isinqumo sokugunyaza uZuma ubhekelelwa ngenxa yesimo sempilo.  Iphinde yafuna incwadi yegunya (order) lokubuyisela uMsholozi ejele aqedele isigwebo sakhe esisele.

Umholi weDA uJohn Steenhuisen uthe isinqumo sokudedela uZuma sasingekho emthethweni ngenxa yezizathu ezahlukene. Isizathu sokuqala uthe okaFraser kwankungagunyaziwe ukuba angathatha lesinqumo  ekubeni ezomthetho (Correctional Service Act) ingavumelani nalokhu. Ukubuyekezwa kwalesinqumo kusadingindwa enkatolo ngekusasa likaZuma.

Article Overview

Former president Jacob Zuma’s parole is being scrutinized. This came after the Afro Forum, DA and Helen Suzman Foundation launched a court application seeking to set aside the decision by correctional services head, Arthur Fraser, to release Zuma. The DA wants an order from court rejecting Zuma’s application for medical parole and to send Zuma back to prison to serve the remainder of his sentence.

Leave a Comment