Liyawohloka liyaphela iTheku

Ukuwohloka kwedolobha iTheku inkinga ebukeka iqhubekela phambili ukunokuba inqandwe. Izitolo ezinkulu zibalekela kuma shopping malls namabhizinisi athulela ezindaweni ezingaphandle kwedolobha okunomthelela ongemuhle. Kule siqeshana sibheka kafushane ukuwohloka kwedolobha iTheku okucace bha uma uhamba kuWest Street (Dr Pixley Kaseme Street) okuwumgwaqo osetshenziswa noma ophithizela kunayo yonke kuleli dolobha. Sikhula uma usedolobheni uWest street bekuyilapho obuthola khona … Read more

Ingabe lizoshintshwa igama ledolobha iDurban?

Maningi amagama emigwaqo, izakhiwo nezindawo ashintshiwe kusukela ngokhetho luka-1994. Uzokhumbula ukuthi eminyakeni eyedlule kuke kwaba undabuzekwayo ukushintswa kwamagama emigwaqo yeTheku namaphethelo. Kwaba nemibono eyahlukene evezwa ngabantu, bebodwa abathi asikho isidingo sokumosha izimali ngalolu shintsho abanye bethi lolu shintsho lungaba nomthelela ongemuhle kwezomlando. Ekugcineni ashintshiwe amagama amaningi aqanjwa ngezinqalabutho zomzabalazo. Kamuva ukushintshwa kwe-Port Elizabeth yabizwa nge-Gqeberha … Read more