Ingabe lizoshintshwa igama ledolobha iDurban?

Maningi amagama emigwaqo, izakhiwo nezindawo ashintshiwe kusukela ngokhetho luka-1994.

Uzokhumbula ukuthi eminyakeni eyedlule kuke kwaba undabuzekwayo ukushintswa kwamagama emigwaqo yeTheku namaphethelo. Kwaba nemibono eyahlukene evezwa ngabantu, bebodwa abathi asikho isidingo sokumosha izimali ngalolu shintsho abanye bethi lolu shintsho lungaba nomthelela ongemuhle kwezomlando. Ekugcineni ashintshiwe amagama amaningi aqanjwa ngezinqalabutho zomzabalazo.

Kamuva ukushintshwa kwe-Port Elizabeth yabizwa nge-Gqeberha e-Eastern Cape sekuholele ekutheni iqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) ifune kushintshwe igama ledolobha i-Durban. Ngokusho kwe-EFF leli dolobha laqanjwa ngo D’Urban owayephethe aphinde abeyikholoniyalisti enobadlululo epathisa abantu base-Africa okwezilwane, lokhu ithi kwavezwa omunye uzakwabo owayeyikholoniyalisti uJohn Phillip (www.thesouthafrican.com).

Igama Durban lasungulwa ngo-1835 kushintswa i-Port Natal. Leligama lalisuselwa esibongweni sika Benjamin D’Urban owayephethe amakholoniyalisti kusayiPort Natal.

Imibono yabantu yehlukene ngalesisiphakamiso sokuthi ishintshwe i-Durban. Kukhona abaveze ukuthi ziningi izinto ezibalulekile okungaxakekwa ngazo kunokushintsha igama laleli dolobha. Abanye babeka ukuthi vele i-Durban inalo ilinye igama iThekwini ngakho asikho isidingo soshintsho.

Yize igama elithi eThekwini laziwa nomasipala walelidolobha esebenzisa lona (eThekwini Municipality) lichume kakhulu kubantu abahlala kanye nabakhelene nalelidolobha ikakhulukazi abakhuluma isiZulu. Ezinye izihlanga nabantu abaqhamuka ngaphandle kwalesi sifundazwe basebenzisa elithi-Durban.

Akukacaci ukuthi iyozala nkomoni ngalelisiphakamiso sokushintsha lelidolobha. Kodwa uma ukubuka umlando wokushintshwa kwamagama kuleli dolobha kuyinto engamukelwa kalula futhi abayithokozeli abahlali baleli dolobha. Okwamanje sizohlala silinde sibuke ukuthi ingomuso lisiphatheleni kulolubdaba.

Overview of this article

This article look at the possible name change for Durban city after the political party Economic Freedom Fighters’ (EFF) demands. According to EFF the city was name after a D’Urban a racist, condemned by his fellow colonialist John Phillip, and should be changed. This demand come after name changing of Port Elizabeth to Gqeberha and others in the Eastern Cape. Their are different opinions to this regard, others also pointing out that Durban already has another nam eThekwini used by many. But this is most common among the isiZulu speakers and everyone else still uses Durban.

Leave a Comment