Ladysmith Black Mambazo

Contents 1 Background 2 Genre Formation 3 Naming 4 Music career Retrospect Background Ladysmith Black Mambazo presents the traditional music of South Africa and is regarded as the country’s cultural emissary at home and around the world. In 1993, at Nelson Mandela’s request, Ladysmith Black Mambazo accompanied the future President to the Nobel Peace Prize … Read more

Joyile kaGelegele

Joyile kaGelegele Uphethen’ ngomlomo? Ngipheth’ amas’ omntwana. Uwayisangaphi? Ng’wayisa kasincengele. Kancinyane, Wama ngegquma Lakamnewabo. Wath’ umnewabo, Ngena laphendlini. Ngab’ esangene Kwanukisijeje Ezakobani? Ezabayeni Bafike nini? Bafikizolo. Wabahlabisani? Ngabahlabis’ ucilo, Ucilo bawenqaba Beqond’ imvubu Yon’ inyam’ enkulu Badle baphele Nobuthemzane, Thebumzane vosho, vosho Thebumzane vosho, vosho. By: Nelisiwe Hlongwane

Izimbongi ZaKwaZulu

Uma kukhulunywa ngezibongo, ikakhulukazi ezamakhosi aKwaZulu, igama lembongi alisali. Imbongi umuntu owabe ebaluleke kakhulu emlandweni wamakhosi, ngisho wesizwe imbala. Izimbongi kwakuba abantu abanobuqhawe, izingwazi uqobo, ezivukwa amadlingozi nosinga lapho zibona inkosi ihlabana, ziyihashe ngezibongo. Kwakungabantu abanobuciko bokubeka inkulumo ngendlela enongayo, inkosi kungathiwa inkosi kepha ifaniswe nezigazonke: kuthiwe umlilo, inyathi, ibululu, indlondlo, isihlahla, isiziba njalonjalo. Abanye … Read more

Izibongo zeNkosi uSolomon

INkayishana enkulu kaMenzi! Ephuz’ umlaza ngameva Usephul’ imith’ iphekiwe Endlini kokaNtuzwa Usib’ olusenkundlen’ oSuthu Luntul’ ongaluthintayo. ULanga lisahlule madoda Sesingamavikithi UMpondozinde zingangamagud’ ezinyathi Ugwabab’ aliphethe mgoqoNonhloyil’ angabuk’ azakhanuke. Ungced’ onyokel’ isife singawi Unogwaj’ othiy’ izinja zasOndini Indaba yenziw’ amadod’ akwaNobamba Yenziwa uMankulumana, ezalwa uSomaphunga Yenziwa uNdabankulu, ezalwa uLukhwazi Yenziwa uLokothwayo ,ezalwa uZembe Yenziwa uMvingana, ezalwa … Read more