Udompasi (Dompass)
Udompasi incwadi noma ibhuku elaligunyaza abantu abamnyama ngesikhathi sobandlululo ukuthi bavumeleke ukuthi babesendaweni eyidolobha noma yomsebenzi. Nangendawo yokuhlala kwakufanele ubenodompasi. Uma umuntu omnyama etholakala esendaweni eyaziwa ngokuthi ngeyabamhlophe engawuphethe udompasi wayeboshwa. Kwakungakhethile ukuthi ubani okubuza udompasi nengane uma kungeyomlungu yayinelungelo. Umthetho owagunyaza ukuthi abantu abamnyama baphathe odompasi waphasiswa ngonyaka ka1952. Kwakuqala eminyakeni ewu16 ukuthi umuntu … Read more