Nali igagu lamagama uNkosi Gumede. Ngezansi kuqoshwe inkondlo yakhe kodwa kulabo abangenakulalela bangafunda la:
Bangiphica ngenganekwano,
Bangigoba ngisemanzi
Ngifunda ngokuqonda, bangilusa ngisephansi.
Indlela, ngakhula ngakhomba
Ngamemeza ngezisho
Kwasabela izaga
Nganikela ngephimbo, kwasa ngokumnyama,
Ngafumbatha ngobuciko, ngabhodla ngokukhanya.
Bakhala ngenhlanhla,
Kwathiwa kanjani?
Ngoba injubane esuke kuqala kunomfana,
Bamukala ngokhamba kwathiwa angani nembiza yaphuza ukuhamba!
Bamucela ngenhlani mese beyalibala, kwenye inkathi iyaphuza konina ekhaya,
Bonke banikina amakhanda
Bakhetha ukumpheka ngohlaza base beyibamba ingakazalwa,
Manje kuyathusa ukuthi ukhula akanagama.
Maqeda baphuma, belandelana bethi:
Uma ekhula, siyomubona ngohlaka
Uma egula, uyolotshwa ngomaka.
Ubhodla ngolaka uma ekhuluma, iNgonyama!
We thuka nesu uma ekhuluma,
Inhlamba, ngokulamba ufakaza ngethuna wenzela indlala.
Kulalela izihlahla uma ecula,
We hlabelela kuhlokome amaqabunga,
Wefuze ekhaya, ngokuheleza uma ecula.
Kusabela izinkonjana, amagquma nezintaba.
Ukwazi ngamagama.
Ngothingo wazi izincazelo zemibala.
Izinkanyezi uzisho ngokulandelana uma eziqamba, ngokubudala uma ziqhakaza.
Unkamisa ulandela ungwaqa uma ebhala,
Uma ehaya, ngokubanzi imvelo iyakhothama.
Uma ebhala isisho sinamathela isaga,
Ngezinsebe ephenduke ilanga.
Asabalale wonke umhlaba ngokubhala,
Nangokuhaya, ngokubala izinwele ezisekhanda aphenduke iNdodana.”
The above is the written content of the audio file, a spoken word performance of Nkosi Gumede, a Durban-based poet. The above poem, told in a narrative format, talks about a great man misunderstood and doubted by the world. The man’s greatness is eternal and everlasting. The man is referred to at the end of the poem as The Son.