Izaga ezimayelana nezitshalo
Liwashaya evuthiwe: Into ike yonakale yize senethembile ukuthi ilungile
Ikhikhizela lihluma esiqwini: Ileyo naleyo nto inomsuka wayo
Ibele lendlela alivuthwa: Umuntu ohlale ephazanyiswa akavami ukuphumelela
Induku enhle igawulwa ezizweni: Into enhle newusizo itholakala kanzima iyajulukelwa
Ikhakhasi limuka nomoya: Umuntu onguthathekile uduma nehlombe
Induku eqinile imila esiweni: Into ewusizo itholakala kanzima
Umthathe uzala umlotha: Umuntu ophumelelayo kahle uzala abantwana abayizehluleki
Ameva ayabangulwa: Abantu bayahloniphana ngoba akekho angazenzela konke
Kubhulwa olwakwasithutha uphoko: Umuntu othule nobukeka eyisilima abanye bayamhlakaniphela
Kufa khamba kufe mqumbe: Ukufa akukhethi kuthatha omdala kuthatha omcane
Izaga ezimayelana nezilwane
Umswane wembabala awungeniswa ekhaya: Ungaboganwa yindodakazi yomthakathi
Umbalala ucaca ematholeni: Kwesinye isikhathi into ayiqedelwa umsunguli wayo
Ichalaha liyasiphuca isimaku ithambo: Abanamandla nabadala bayababhozomela abancane
Izinyane lemvubu alidliwanga yingwenya kwacweba nje: Ngeke udale umonakalo bese bengaphindiseli
Inkomo ihamba kayiqedi tshani: Umuntu oyisihambi uyabonga noma kukuncane anikwe kona
Indlovu idla abasondezeli: Umuntu omkhulu ukhiphela isibhongo kulabo abaseduze naye
Imfene ayisilahli isiphongo sayo: Umuntu akashintshi uba yilokho ayikho
Izwibela ladla indlovu: Into enganakekile iyamlimaza nalowo onamandla
By: Nelisiwe Hlongwane