Izaga Zezitshalo Nezilwane

Izaga ezimayelana nezitshalo

Liwashaya evuthiwe: Into ike yonakale yize senethembile ukuthi ilungile

Ikhikhizela lihluma esiqwini: Ileyo naleyo nto inomsuka wayo

Ibele lendlela alivuthwa: Umuntu ohlale ephazanyiswa akavami ukuphumelela

Induku enhle igawulwa ezizweni: Into enhle newusizo itholakala kanzima iyajulukelwa

Ikhakhasi limuka nomoya: Umuntu onguthathekile uduma nehlombe

Induku eqinile imila esiweni: Into ewusizo itholakala kanzima

Umthathe uzala umlotha: Umuntu ophumelelayo kahle uzala abantwana abayizehluleki

Ameva ayabangulwa: Abantu bayahloniphana ngoba akekho angazenzela konke

Kubhulwa olwakwasithutha uphoko: Umuntu othule nobukeka eyisilima abanye bayamhlakaniphela

Kufa khamba kufe mqumbe: Ukufa akukhethi kuthatha omdala kuthatha omcane

Izaga ezimayelana nezilwane

Umswane wembabala awungeniswa ekhaya: Ungaboganwa yindodakazi yomthakathi

Umbalala ucaca ematholeni: Kwesinye isikhathi into ayiqedelwa umsunguli wayo

Ichalaha liyasiphuca isimaku ithambo: Abanamandla nabadala bayababhozomela abancane

Izinyane lemvubu alidliwanga yingwenya kwacweba nje: Ngeke udale umonakalo bese bengaphindiseli

Inkomo ihamba kayiqedi tshani: Umuntu oyisihambi uyabonga noma kukuncane anikwe kona

Indlovu idla abasondezeli: Umuntu omkhulu ukhiphela isibhongo kulabo abaseduze naye

Imfene ayisilahli isiphongo sayo: Umuntu akashintshi uba yilokho ayikho

Izwibela ladla indlovu: Into enganakekile iyamlimaza nalowo onamandla

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment