Abasebenzi Bokufika baseNdiya eThekwini, eNingizimu Afrika – Isinkwa sabo semihlangemihla

Ukudla kunomthelela omandla emhlabeni wonke, noma kunjalo isiko ngalinye linendlela yalo neyingqayizivele yokulungisa kanye nokudla ukudla. Kuthe uma kufika abasebenzi eThekwini, bafika nezindlela zabo zokupheka kanye nokudla osekudume kakhulu ezindaweni zokudlela zakuleli. Ukudla kusetshenziswa njengendlela yokuthola amandla okwenza imisebenzi yansuku zonke, izisebenzi ezikhokhelwayo zaziwadinga amandla njengoba zenza imisebenzi enzima ikakhulukazi imisebenzi yezandla.

Nsuku zonke babepheka futhi badle ukudla okusha, okwakungagcinwa njengoba amafriji ayengathengeki ngaleso sikhathi. Izishebo zaenziwa njalo ngezinongo ezibabaayo, okwakuwuphawu lwasempumalanga. Izishebo/okahali abasele behlanganiswa ndawonye befudunyezwe bebizwa nge-Chundal curry eyayiyingxube ewugqinsi futhi yayidliwa nelayisi. Isinkwa esenziwe ngesandla esibizwa ngokuthi uloti sasisenziwa nsuku zonke ngofulawa namanzi. Bekuyindlela elula futhi eshibhile yokuthola amandla ngokushesha. Ukudla okuvamile ababekupheka kwakungama-Dosa okungamapanikuku (pancakes); lokhu ngokuvamile kwakudliwa njengoswidi isidlo sasekuseni. Kwakukhona i-mielie rayisi Kitchidi, okwakuyirayisi kanye nama-lentile Dhall ayevame ukwenziwa ngosuku lokuzila. Bebeza i-Khullie iphalishi eliqinile elidliwa nenhlanzi. Izinhlanzi zabanjwa abadobi bangazithengi ezitolo. Baphinde bedle isitambu kanye nophutu olaziwa ngepapa ngesiko lama-Afrika. AmaNdiya ayethanda ama-offals, okuyi-tripe, ama-trotter kanye nekhanda lezimvu.

NgoLwesihlanu nangeMigqibelo kwakuyizinsuku zemakethe, lapho kwakuthengwa khona inkukhu nenhlanzi okusekusha kuze kube manje abantu abaningi baseNdiya basenomkhuba wokupheka inkukhu ngoMgqibelo. Ngezinsuku zokushisa abanye babo bajwayele ukuhlala ngaphansi kwezihlahla ezinomthunzi, badle iphalishi lommbila, okubizwa ngokuthi iphalishi elimuncu elinopelepele oshisayo, noma izikhumba zikamango uluhlaza.

Amasiko asenziwa

Nakuba babeswele, lezi zisebenzi zazihlangene futhi zamukela imfanelo yomphakathi ngenxa yosizi oluvamile nokuba luhlobo olufanayo. Ema Barracks bebeshintshana ngokudla  kuze kube manje basathumela ama okhali komakhelwane. Ngalendlela bekunezinhlobonhlobo zokudla namamenyu afundwayo. Benza ukudla ngokhari babo ikakhulukazi njengoba bekuyindlela eshibhile futhi elula yokuthola amandla. Amathuluzi ababewasebenzisela ukulungisa ukudla nawo ayehlukile. Itshe lokugaya lalisetshenziselwa ukugaya irayisi nodali. Babesebenzisa ideki yethusi ukupheka okhari. I-masala grinder yokugaya i-masala, isitofu samalahle sasisetshenziselwa ukupheka ukudla. Isitsha sasiyisigubhu sikapende esakhiwe izingxenye ezimbili, ingxenye engaphezulu yayinezimbobo , ingaphansi livulekile. Ibhawula yayisetshenziswa njengesitofu, ukushisa i-ayina, isetshenziselwa ukushisisa izinti ukuze kuhlanzeke uvolo emakhanda ezimvu futhi isetshenziswe njengendawo yokushisisa ebusika ngenxa yokuthi babengenayo imali yokuthenga amalahle ngakho basebenza ukuyolanda amalahle ezindaweni zokulahla udoti noma zindlu zamaphambpu. Babesebenzisa izimbazo ukutheza izinkuni, amanzi abo bebewabilisa ngaphandle ukuze bageze ngamanzi ashisayo netiye. Lendlela isenziwa emakhaya eselwe nalapho kungekho khona ugisi.

Ibhalwe: Yoveshnie Pillay, ireferensi: The Post Newspaper

Leave a Comment