USolwazi Fatima Meer: isishoshovu, umbhali, isifundiswa, umholi womphakathi, kanye ne-icon yamalungelo abantu

Isishoshovu samalungelo abantu ,wazalelwa eThekwini, Fatima Meer (Agasti 12 1928 – Mashi 13 2020), waqokwa njengomunye wabaholi bezombusazwe besifazane abavelele eNingizimu Afrika. Umsebenzi wempilo yakhe kwakungukulwa nenqubomgomo yengcindezelo yobukoloni nobandlululo, futhi wawuthatha lo msebenzi ngesasa. Kangangokuthi waba ngowesifazane wokuqala owavinjelwa umbuso wobandlululo ngo-1952. Isimo esesabekayo sikaMeer sabonakala ezicini eziningi zomsebenzi wakhe kubandakanya nokugqugquzela kwakhe izinhlangano … Read more