Ingxoxo noMnumzane Ndwandwe ngokusetshenziswa kwemali yakudala

Sibe nengxoxo noMnu Ndwandwe oneminyaka engu-82 ubudala owazalelwa endaweni yaseMpangeni kodwa osehlala endaweni yaseMalangeni eMpumalanga Township. Ingxoxo yethu ibimayelana nokuqala kokusetshenziswa kwemali yakudala ngabantu abamnyama. Imali yakudala yayaziwa ngopondo, otiki, openi nosheleni njalonjalo. Okwathi ngeminyaka yawo 1960 yase ishintshwa uhulumeni wangalesosikhathi yaba ngamarandi. UBaba uNdwandwe ubalule ukuthi waqala ukubona imali esawumfana omncane elusa amathole. Uthi … Read more

Izithakazelo Nomlando WakwaBiyela

Amaqhawe akwaBiyela Inkosi uMpande isibekiwe njengenkosi, iyale ukuba uMagidi abe yinkosi yabantu bonke bakwaBiyela. Kodwa uMagidi wala waphetha ukukwenza lokho, wathi ngeke abuthathe ubuzibulo bomnewabo. Usuke lapho ayolanda uMvundlana ekubhaceni. Izwe likaMvundlana laziwa ngokuthi kusoBuka olwabuka inhlangu yafa. Leli gama namanje lisetshenziswa yindlu enkulu yalaba bantu. Izwe lasoBuka lisenyakatho neMpangeni. Lisikelana nelakwaZungu, elakwaMthembu, nelakwaBiyela-Sanguye, nelakwaZulu … Read more

Izithakazelo ZakwaMthembu

Mvelase Nin’ enavel’ eNyandeni Ngothwalo wakwaMabaso Nina bakwaGogolazitha Nina bakwaNobasali Nina bakwaVezi uNonyanda Nina bakaNgoz’ akakhikhobi Ngoba wakhokhobel’ izinkomo zamadoda Nina bakaVezi kaMandulo Nina bakaNotsele kaNodada Nina bakaSibhuzikazi simayikayika Nina bakaPhumuz’ abant’ amaphiko Bathemb’ abaseng’ inkomo izele Nina bakaGude Nonjolo! Madl’ amathiban’ indla’ iwile Nina bakoNonyezi Amahwanq’ amakhulu Nina baseQhudeni Ngokudl’ iqhude lifile Khathde! Maphanga! … Read more

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaZondo

Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaZondo Izithakazelo: Mthiyane, Sokatshana, Zondo, Mnguni ka Manekwane, Mazwi, Sokhulu kaNdaba, Sikhangane, Mnqabulankungu kuvel’ ilanga. Nanku umlando nemvelaphi yabo kafuphi: Imvelaphi yabantu bakwaZondo idabuka kuMthiyane (uSokhulu) yena owazalwa uSikhangane noSonkatshana. Ngokomlando nangokwezigaba zamaNguni, bona bangamaNtungwa-Nguni ngenxa yokuthi umlando usiholela emthonjeni wabo okuwuKhumalo lapho bephuma khona. UMthiyane wayenamadodana kwase kuthi eyodwa yawo lapho … Read more

Izithakazelo ZakwaMsimango

Nonkosi! Muthwa! Nina bakwaQenjwana ezimbili Esinye singezansi Esinye singenhla kwendlela Nothabizolo! Nina bakwaMzimb’ omuhl’ ongayiwa Mlotshwa kaNtumbeza kaNtazi! Sisho yena phela okaLwandle kaluwelwa Nina bakwaNkambo kaMkhuhlane Sihlangu esisind’ abetshathi baso Mbeng’ osind’ abosi Nina bakaKhukhulani sagida Owakhombis’ eminy imizi ukugida MaHlubi angelengele Muthi wezinkomo Mahlahlel inhloko zabafo Isisinde asisiphiki Ngoba kwehlulek’ amadoda Nina bakaNsinyana iphenduk’ … Read more