History/Umlando
Izithakazelo Nomlando WakwaBiyela
Amaqhawe akwaBiyela Inkosi uMpande isibekiwe njengenkosi, iyale ukuba uMagidi abe yinkosi yabantu bonke bakwaBiyela. Kodwa uMagidi wala waphetha ukukwenza lokho, wathi ngeke abuthathe ubuzibulo bomnewabo. Usuke lapho ayolanda uMvundlana ekubhaceni. Izwe likaMvundlana laziwa ngokuthi kusoBuka olwabuka inhlangu yafa. Leli gama namanje lisetshenziswa yindlu enkulu yalaba bantu. Izwe lasoBuka lisenyakatho neMpangeni. Lisikelana nelakwaZungu, elakwaMthembu, nelakwaBiyela-Sanguye, nelakwaZulu … Read more
Izithakazelo ZakwaMthembu
Mvelase Nin’ enavel’ eNyandeni Ngothwalo wakwaMabaso Nina bakwaGogolazitha Nina bakwaNobasali Nina bakwaVezi uNonyanda Nina bakaNgoz’ akakhikhobi Ngoba wakhokhobel’ izinkomo zamadoda Nina bakaVezi kaMandulo Nina bakaNotsele kaNodada Nina bakaSibhuzikazi simayikayika Nina bakaPhumuz’ abant’ amaphiko Bathemb’ abaseng’ inkomo izele Nina bakaGude Nonjolo! Madl’ amathiban’ indla’ iwile Nina bakoNonyezi Amahwanq’ amakhulu Nina baseQhudeni Ngokudl’ iqhude lifile Khathde! Maphanga! … Read more
Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaZondo
Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaZondo Izithakazelo: Mthiyane, Sokatshana, Zondo, Mnguni ka Manekwane, Mazwi, Sokhulu kaNdaba, Sikhangane, Mnqabulankungu kuvel’ ilanga. Nanku umlando nemvelaphi yabo kafuphi: Imvelaphi yabantu bakwaZondo idabuka kuMthiyane (uSokhulu) yena owazalwa uSikhangane noSonkatshana. Ngokomlando nangokwezigaba zamaNguni, bona bangamaNtungwa-Nguni ngenxa yokuthi umlando usiholela emthonjeni wabo okuwuKhumalo lapho bephuma khona. UMthiyane wayenamadodana kwase kuthi eyodwa yawo lapho … Read more
Izithakazelo ZakwaMsimango
Nonkosi! Muthwa! Nina bakwaQenjwana ezimbili Esinye singezansi Esinye singenhla kwendlela Nothabizolo! Nina bakwaMzimb’ omuhl’ ongayiwa Mlotshwa kaNtumbeza kaNtazi! Sisho yena phela okaLwandle kaluwelwa Nina bakwaNkambo kaMkhuhlane Sihlangu esisind’ abetshathi baso Mbeng’ osind’ abosi Nina bakaKhukhulani sagida Owakhombis’ eminy imizi ukugida MaHlubi angelengele Muthi wezinkomo Mahlahlel inhloko zabafo Isisinde asisiphiki Ngoba kwehlulek’ amadoda Nina bakaNsinyana iphenduk’ … Read more
Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaNyawo
Mlaba! Ximba! Dumakude! Nyawo zeshongolol’ azibaleki, Umthandi wabantu bengamthandi Indumanduman’ edum’ ezizweni Hlath’ elikhulu elihlala lilil’ izingwe nezingonyama Langa likhanyisela bonke Wena kaSobhuza! Umlando wabo UNyawo kade akhe eJozini lapho wayehamba nabantu bakhe lapho ayengumholi wabo. Uthe uma esuka eJozini walibhekisa enyakatho nayo iJozini endaweni ebizwa ngokuthi iseHlathikhulu. IHlathikhulu iphakathi koPhongolo neBombo, indawo edume ngokuthi … Read more