Amaqhawe akwaBiyela
Inkosi uMpande isibekiwe njengenkosi, iyale ukuba uMagidi abe yinkosi yabantu bonke bakwaBiyela. Kodwa uMagidi wala waphetha ukukwenza lokho, wathi ngeke abuthathe ubuzibulo bomnewabo. Usuke lapho ayolanda uMvundlana ekubhaceni. Izwe likaMvundlana laziwa ngokuthi kusoBuka olwabuka inhlangu yafa. Leli gama namanje lisetshenziswa yindlu enkulu yalaba bantu. Izwe lasoBuka lisenyakatho neMpangeni. Lisikelana nelakwaZungu, elakwaMthembu, nelakwaBiyela-Sanguye, nelakwaZulu eNtembeni. UMagidi naye uzitholele izwe ngobuqhawe bakhe nangokuzwana okukhulu ayenabo nomnewabo uMvundlana.
UMagidi owayedume ngobuqhawe
UMagidi kwakuthi njalo uma kuphakwa impi afike ahlabane kuqala. Uma iSilo uShaka simbuza ukuthi ngubani ohlabane kuqala, impendulo ithi uMagidi. Igcine isibabaza ithi: “Njalo ngiba sabuze ohlabane kuqala impendulo ithi nguMagidi.”
UMagidi usuke eNhlazatshe, wayesenikwa ngumnewakhe indawo engasenyakatho nelasoBuka. Inkosi uMvundlana ikhiphe izinduna ukuyobeka inkosi uMagidi ezweni elisha. Phakathi kwabantu abaphelezele uMagidi kubalwa abakwaNduli, uzalo lwabo luKwaZululiyaduma. UMagidi wakhe umuzi wauqamba wathi kuKwaSanguye, okugcine sekuthiwa yiKwaYanguye. Phela wayekhumbula amagama ashiwo yiSilo uShaka. Nendawo kaMagidi yaziwa ngokuthi kuKwaYanguye (Sanguye).
UMagidi uzale uBhulangethe obengelinye lamaqhawe embusweni wezilo zaKwaZulu. UBhulangethe ukhothamele komkhulu oNdini ngesikhathi uZibhebhu kaMaphithi ecoboshisa izikhulu zombuso waKwazulu. Maningi amaqhawe azalwa kwaBiyela. Inkosi uMkhambisa kaDumezweni khona oBuka ube yisekela likaNdunankulu kaZulu obekunguMathole kaTshanibezwe Buthelezi. Uqokelwe isikhundla ngo 1924. Inkosana yakhe uNkanyiso iqokwe njengosihlalo wamakhosi eNseleni yaba yilungu lePhalamende eCape Town. Nasendlini yaseMombeni ngase Showe kugqame elinye iqhawe ngezikhathi zokubusa kweSilo uShaka. Lowo nguGala kaNodada okwaze ukulamulela isizwe saKwaZulu sesibhuqabhuqwa yindlala emuva kokukhothama kwendlovukazi uNandi, lapho iSilo uShaka sashaya umthetho wokuthi kuzilwe, sithi kungalinywa, kungenziwa lutho.
UGala ebona isizwe sifa yindlala waqunga isibindi wayokhuleka eSilweni wathi: “Wena wangasenhla, uzobusa bani njengoba abantu bakho ubabulala ngendlala?”
ISilo uShaka samxoshisa ngezinkomo eziningi, samenza omunye wezinduna zaso. Uthole nezwe laseMombeni. EDlayangubo, kwaMpukane nakhona kunamaqhawe avelayo, njengoba oMgitshwa kaMvundlana owabamba elikhulu iqhaza empini yaseSandlwana. Yena wayeseWombane ngaseGingindlovu lapho wayenoPhalane kaMdinwa wakwaMkhwanazi noMntwana uDabulamanzi kaMpande (uNompond’ owadl’ omunye unompomdo).
Ziyisikhombisa izindlu zakwaBiyela sezizonke okwenza eyasoBuka kube ngenkulu.
Bazalana kanje:
UNdaba uzale uXhoko, uXhoko uzale uMenziwa noDidi ababengamawele.
Indlu yasoBuka oGelweni:
UMenziwa uzale uMvundlana noMagidi. UMvundlana uzale uMkhosana noMgitshwa. UMkhosana uzale uDumezweni ozale uMkhombisa, uMkhombisa uzale uNkanyiso, uNkanyiso uzale uPhiwayinkosi Chakide obusayo.
Indlu yakwaSanguye:
UMagidi uzale uBhulangethe, yena wazala uNgangezwe, ozale uKhishwekhaya ozala unkosi Velemandleni obusayo.
Indlu yaKwaMpukane/eDlayangubo:
UMgitshwa uzale uNkomo, yena ozale uZwelempi. uZwelempi uzale uPhangifa Khwameni osekhotheme. Manje sekubusa uHlanganani.
Indlu yaseMahlayizeni eNkandla:
UDidi uzale uManyala, ozale uMthiyaqhwa, ozale uVelangaye ozale iNkosi uBhekizizwe obusayo.
Indlu yaseMakhune/Mombeni:
UMgutshwa kaNdaba uzale uMdaye yena wazala uNodade, ozale uGala. uGala uzale uMhlakaza, uMhlakaza wazala uMandlenkosi noBhekizenzo. UMandlenkosi uzale iNkosi uSifiso ebusayo.
Indlu yakwaDaka eMpaphala:
uMcaluzwa uzale uSobaba, uSobaba wazala uDlongolwana, yena ozale uHhashi owakhula waze wamdala kundlunkulu wakhe engayicoshi inkosana. Wabe esethatha omunye undlunkulu. Bakhuza umhlola bethi usayozala bani nje. Wabe esezala inkosana yakhe wayetha igama wathi nguZalaba yena owabe esezala iNkosi uBhekabelungu osekhotheme, sekubusa indodana yakhe.
Indlu yase Mangidi kaMuntsha kaNdaba:
UMutsha uzale uLuzipho, yena ozale uSithunga, uSithunga wazala uNonzama yena ozale uKukhulwini, ozale uPhindizwe, yena uzale uFangelakhe, ozale inkosi uMkhokheleni Mbongeleni Biyela eseyakhothama. Sekubusa undlunkulu manje.
English Summary
These are the clan praises and the history of Biyela people.
By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper and Izithakazelo Nezibongo ZaKwaZulu by TE Sithole
Siyabonga ukusifakela lolulwazi kulenkundla nokuyilapho ulwazi lwesintu luyisomi, iqhaza olidlalayo liyancomeka kakhulu kithina njengendlu emnyama kanti nami ngiyafisa ukulekelela kanye nawe ekwenzeni lolucwaningo ukwandisa ulwazi kakhulukazi olwesintu samaZulu selokhu nami ngiwuyena umzulu.
Sibonge kakhulu izandla zedlula ikhanda
Mina ngingowakwa BIYELA bengfisa ukuthola indlu kaMhoyizana ukuth ikuyiph indlu.