Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaZondo
Izithakazelo:
Mthiyane,
Sokatshana,
Zondo,
Mnguni ka Manekwane,
Mazwi,
Sokhulu kaNdaba,
Sikhangane,
Mnqabulankungu kuvel’ ilanga.
Nanku umlando nemvelaphi yabo kafuphi:
Imvelaphi yabantu bakwaZondo idabuka kuMthiyane (uSokhulu) yena owazalwa uSikhangane noSonkatshana. Ngokomlando nangokwezigaba zamaNguni, bona bangamaNtungwa-Nguni ngenxa yokuthi umlando usiholela emthonjeni wabo okuwuKhumalo lapho bephuma khona.
UMthiyane wayenamadodana kwase kuthi eyodwa yawo lapho ehlukana yase iyokwakha kwelakwaMthethwa. Ngalesosikhathi babehlala eLenjane koNtabankulu kwaba nguSokatshana owanquma ukwakhelana nabaseMatshalini. Ingxabano yasuswa amaTshali ngesikhathi kuthulekile kahle nje, lapho amaTshali esechukuluza bona abakwaMthiyane ibabiza ngabeSotho lokho okungehlanga kahle kubantu basemaTshalini.
Enye into eyadala uthuthuvane phakathi kwalezizibongo umbango womfula iLenjane. Isiphetho esaba muncu ilapho uSokasthana etshela amabutho akhe ukuthi abashintshe umzila walomfula iLenjane bayimbe ingabe isabheka ngaseMatshalini wathi ufuna ibheke eningizimu.
Lengxabano eyayilokhu ivunguza yaphetha ngokuthi kube nempi eyaphela kwehlulwe abaseMatshalini. Ngenxa yalokho ke uSokatshana wabe esezitholela izwe kanjalo lapho ebekuqube khona abantu bakwaMthiyane.
Indodana kaSokatshana ayizala wanquma ukuyiqamba igama wathi uZondo ngoba ethi bayamzonda abantu baseMatshalini. Ngenxa yokuthi waba nogazi uZondo kuzalo lwakhe, nalo ke lwanquma ukuthi luzibize ngaye uZondo, kwase kuba wukuthi balisebenzise njengesibongo. Umfula iLenjane idabula eBaQulusini enyakatho nesifunda sakwaZulu Natal.
Ngezikhathi zezimpi ezinkulu lapho iSilo uShaka sisahlanganisa izizwe sihlasela, uZondo esinye sezibongo esake sahlela ukusihlasela. Kwathi lapho uSokatshana ezwa ukuhebeza kwalokho kuhlasela kweSilo, wathatha abazukulu bakhe ababili ababezalwa yindodana yakhe okwakunguye qobo lwakhe uZondo, okwabe kunguNjombisa noSiyendane abazukulu wathi mabayiswe eNquthu ukuze babhace khona, enzela ukuthi ngesikhathi uShaka ebahlasela bona, uSokatshana nendodana yakhe uZondo befa ngesikhathi sokulwa, bakwazi bona ukungena abafazi babo baqhubeke nozalo. Nakho ke impi isivivelene esekuhaqa phansi uthuthuva amabutho esenuka intelezi, uShaka wanquma ukuba ingaqhubeki wase esehlangana noSokatshana baxhawulana bathelelana amanzi.
Isizathu esinzulu asidalulwa kahle hle kodwa emva kwalokho kuthelelana kwabo amanzi, base bengabangani abakhulu. UZondo waba yiqhawe ke ngoba kwesinye isikhathi kwakuthi uma kunempi ahlasele yedwa alwe anqobe. Kuthiwa izimpunga zakwaZondo zazimthanda uZondo engaweli phansi kubo uma bekhuluma ngaye, zoncome ubuqhawe bakhe kangangokuthi uma esuke eye empini, zazibuza ngokukhulu ukunakekela ukuthi ubuyile yini empini, bese zikhombisa injabulo uma sezimbona noma zizwa ukuthi ubuyile. Kanti kwathi ngelinye ilanga lapho kuyiwe empini, uZondo wangabuyi, enye impunga uma ibuza ukuthi ubuyile yini, kunokuba liphendule ibutho lelo, lathi makubuzwe kuSokatshana, uyena onempendulo.
Amanye amabutho ase ephendula ngokuthi uZondo usale empini, elinye lamakhehla lashayeka phansi lafa. Kusukela lapho kwase kuqalwa ihubo elithi, kuze kube manje lelo hubo lisasetshenziswa kwaZondo.
“UZondo,
uZondo akasekho,
uZondo akenibuze uSokatshana”
Laba bazukulu emva kwayo leyompi eyayizohlasela, abazange besabuyela emuva lapho eNquthu njengesifiso sikamkhulu wabo uSokatshana. Ngenxa yalokho baqhuba uzalo lwabo olutholakala eNquthu nasemaNgwaneni eBergville.
LaboMthiyane bona ke abazalani nabaseMandlazini abaphuma kwaCele. Ubukhosi bakhona bulaphaya eNtambanana eMpangeni.
Nansi indlela abalamana ngayo:
uMthiyane kaNoxongo wazala uSokatshana, yena owazala uZondo, uZondo wazala uSiyendane noNjombisa, noDunga noMahele.
USiyendane wazala uMlonyeni yena owazala uMbhekeni, uMbhekeni wazala uNhlomela, uNhlomela wazala uMkhonto, uMahele wazala uNdlumnyamana noMntungwana.
English Summary
History and clan praises of Zondo people.
By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper
Zikhona isbongo sakwa khanyase
Sawubona, thina asinazo izithakazelo zakwaKhanyase, kodwa ungabheka ezinikelwe kule-website okuthiwa ezakhona: https://www.wakahina.co.za/listings/k/surname/khanyase
Ulwazi Programme
Sawubona, thina asinazo kodwa nazi okuthiwa yizona kule-website yezithakazelo: https://www.wakahina.co.za/listings/k/surname/khanyase
Ulwazi Programme
Ngibonga ulwazi engilitholile ngomlando,wakwaZondo nemvelaphi yabo.