Amakhambi Esintu

Amakhambi Esintu

Amakhambi imithi yesintu esetshenziswa ukwelapha nokukhipha inyongo, lemithi akudingi ukuthi uyitshelwe abantu abalaphayo njengezinyanga. Lemithi sizobala embalwa kuyo nanokuthi yenzani, njengoba amaZulu esebenzisa imithi yesintu isikhathi esiningi.

  • Isiphondo – Umuthi wokuchatha abantwana, uxutshwa nobisi, lomuthi owokulapha inyoni kuntwana.
  • Umusa – Lomuthi utholakala enkangala futhi uyinala. Useza noma usetshenziswa ukuchatha abantwana uma benomkhuhlane.
  • Isibhaha – Lomuthi wesintu uyaququdwa uma uphethwe umkhuhlane kodwa ke uyababa emlonyeni.
  • Ukalimuzi – Lomuthi owokuchatha izingane uma ziphethwe umkhuhlane, nabadala bayawusebenzisa kodwa bona bayawuhlafuna uma bewusebenzisa.
  • Umsuzwane – Umsuzwane usetshenziswa ukuchatha uma uphethwe umkhuhlane, kuchathwa ngawo, umsuzwane utholakala enkangala nasehlanzeni.
  • Umqalothi – Umqalothi umuthi osiza kakhulu uma uphethwe isisu, uma uwusebenzisa uququda ixolo noma igxolo lakhona bese siyadamba isisu.
  • Umadolwane – Lomuthi owokuchatha abantwana uma benomkhuhlane, ngokujwayelekile umila emihosheni, ucishe ufane nentelezi.
  • Intolwane – Intolwane ikhuculula izindenda futhi ikhipha inyongo.
  • Inkomankoma – Lomuthi welapha isisu.
  • Umondi – Umondi umuthi osizayo uma kungadleki, lomuthi wenze uvulelwe inhliziyo kudleke uma kade ungakuthandi ukudla.
  • Icimamlilo – Lomuthi usebenza kakhulu uma unesenyelo, uyagxoshwa ubiliswe emanzini ukuze uthobe ngawo, uma uke wathoba ngawo uyasinda.
  • UMhlabelo – Lomuthi usiza kakhulu uma umuntu ephukile, enesenyelo noma eshawe ingozi emdlalweni. Umhlabelo uyagxotshwa uphuzwe noma ugaywe ube imvuthu, bese ufakwa esilondeni noma engozini ekhanda.

Brief Overview

Traditional medicine

Zulu people have always believed in traditional medicine, which helps in people dealing with different illnesses, spiritual burdens and also just to be adored by people. The following series of articles name some of the most known traditional medicine plants, that are used to make traditional medicine to help people and also domestic livestock such as goats, cows and calves. We have differentiated with different medicine depending on how they help people, and also where some of the plants and or trees are found that make traditional medicine. Furthermore we have articulated how these herbs and plants are mixed, and also how they work.

11 thoughts on “Amakhambi Esintu”

  1. Ngyabingelela Uma ngphupha nginikwa isibhaha bese ngisiqyquda ingabe kusho ukuth ini lokhu? Ngyabonga

    Reply
  2. Sibingelele. Ngaboniswa imithi la kwathiwa angiyoyolanda eMkhambathini izosiza abashadikazi basozalweni lwakithi manje angazi ngokuthi ngoqala kephi noMkhambathi. Ngenzenjani?

    Reply
  3. Sawubona Bhut Siboniso…
    Bengicela ukubuza ingabe kukhona engingakwenza ekhaya ukuze ngiphile Ngiyafa inyongo kanti nezinto ezikakayo ngiyazisaba.

    Ngiyabonga.

    Reply

Leave a Comment