URonnie Govender

U-Ronnie Govender wazalwa ngo-1934, e-Cato Manor, eThekwini. Ungumbhali wemidlalo owaziwayo. Kuze kube manje u-Govender ubhale futhi waqondisa imidlalo engaphezu kwengu-16, okubandakanya i- “Beyond Calvary”, “At the Edge”, “The Lahnee’s Pleasure” ibingomunye wemidlalo edlala isikhathi eside eNingizimu Afrika ne- “Off-Side”. Usungule i-Shah Theatre Academy eminyakeni engamashumi amahlanu ukukhuthaza iTheatre yaseNingizimu Afrika engacwasi ngokobuhlanga.

Ngo-2008 washicilela incwadi yakhe ngezinto eziyisikhumbuzo kuye, i- “In the Manure”. Ngo-2009 uJacana washicilela inoveli eyayisekelwe emdlalweni wakhe owawubizwa nge- “The Lahnee’s Pleasure”. Usungule umdlalo omusha osuselwa empilweni yakhe njengombhali, i-“Thunsil – The Mischief Maker”.

Incwadi yakhe ethi, At the Edge nezinye iCato Manor Stories, yawina umklomelo ngo-1997, i-Commonwealth Writers ‘Prize ngencwadi yokuqala ehamba phambili, e-Afrika. Waxasa ngemali inkampani yakhe yemidlalo yaseshashalazini ebizwa nge-Shah Theatre Academy.

Ngo-1991, uGovender waqokwa waba yimenenja yezokumaketha e-Baxter Theatre kwathi ngemuva kweminyaka emibili waba ngumqondisi we-Playhouse Theatre yaseThekwini.

Ngo-2014 i-Durban University of Technology yanikeza iHonorary Doctor of Technology in Arts and Design ngeqhaza lakhe kwezobuciko jikelele kanjalo neqhaza lakhe kwintando yeningi, ukuthula nobulungiswa eNingizimu Afrika ngokusebenzisa imidlalo yeshashalazi.

Uthole nemiklomelo eminingana, kubalwa indondo ye-SA English Academy ngeqhaza lakhe emibhalweni yesiNgisi ngo-2000, i-Commonwealth Writers ‘Prize ngemibhalo yakhe ye-At the Edge ngo-1997, i-Lifetime Achievement Award evela eMnyangweni Wezobuciko kanye Amasiko ngonyaka ka-2006 nomunye umklomelo we-Lifetime Achievement Award, kulokhu oqhamuka kwi-Arts and Culture Trust of SA.

Leave a Comment