Luqalile uhambo lwaminyaka yonke lwamaNazaretha elibhekise eKhenana. Izinkulungwane zabalandeli ezikhonza esigcemeni saseBuhleni ziphume ngobuningi bazo zibhekise amabombo entabeni iKhenana kuwuMsumbuluko wokuqala onyakeni omusha. Loluhambo oluba sekuqaleni konyaka oluthatha izinsuku ezinthathu. Amnazaretha aphume ngezinkani kulonyaka kulandela ukungakwazi ukugumba lenhlangano ngenxa yemigomo yeCovid 19.
Minyakayonke Amanazaretha alubhada ngonyawo esuka eNanda elibhekise eKhenana, Ozwathini. Inkosi yaseBuhleni uMduduzi ‘uNyazilwezulu’ Shembe ihole abalandeli bayo abebethokozele ukukwazi ukugumba lenhlangano kulonyaka. uMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela ibandla laseBuhleni uthe bazoyiqikelela imigomo yeCoved 19 ngesikhathi somgumbo.


Image: Facebook
Inkosi u-Isaiah ‘uMqali wendlela’ Shembe okuthiwa wathola moya ongcwele waqala lelisonto nenhlangano khona entabeni iNhlangakazi, eNdwedwe kepha uNyazilwezulu lakushintsha lokhu. Ngemuva ngokukhothama kwenkosi uVimbeni Shembe ngo-2011 kwaba nizigxabano nokubangwa kobuholi osekuthathe iminyaka phakathi kwezigceme. UMduduzi Shembe wakhetha ukushintsha inhlangano ukuthi ungabe isaya eNhlangakazi ngemuva kwengxabano nokudubulana okwaba khona ngo-2012 phakathi kwezigceme ezimbili esaseBuhleni nesaseKuphakameni zificana entabeni iNhlangakazi.
Phambilini lezi zigceme zaziya entabeni ngezinsuku ezingafani ukuvika igxabano. Ngesikhathi senhlangano amanazaretha awavumelekile ukudla okunembiliso ngisho isinkwa imbala.
Article Overview
The Shembe devotees have embarked on their three-day annual pilgrimage to the Mount Nhlangakazi (Canaan/ Khenana). Thousands of eBuhleni faction members were please to be able to embark on this year’s pilgrimage after not being able to take part since the Covid -19 pandemic started. Every year the Shembe congregants walk more than 90 kilometres from Inanda to Canaan (Khenana) Mountain to worship for a month. Mduduzi Shembe led his devotees to the mountain.