Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi ngamaNgwe, bangamaNtungwa-Ntuli futhi badabuka enhla ne-Afrika, eMangweni. Iningi labo litholakala eHlobane ngaseFilidi, eMthezi, eMnambithi, ezintabeni zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zeKwaZulu Natal. UZwane uqhamuka ebukhosini bamaNgwe kwaqanjwa ngaye isibongo, kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwabakhona nezinye izibongo eziphuma ngaphansi kwalobukhosi esingabala uCebekhulu.
UZwane uzale uMungwe, uMungwe wazala uPhikelela, uPhikelela wazala uNsela (Ndabakansele) oyinkosana noVezi. UNsele uthathe ubukhosi ngemuva kukayise. UNsele uzale uZikode yena ozale uNsele wesibili. UNsele wesibili uzale uMafu oyinkosana, uMthayi, uMandaba noNqamane. Esekhotheme uNsele kuthathe uMafu. UMafu uzale uMangethe, uLinda noMgabhi. UMangethe ube yinkosi yaseMangweni. UMangethe uzale izingane eziningi, amadodana akhe abalelwa ekhulwini esingabala uMhlaba, uMchwayo, Ntshosho nabanye.
UMangethe wakha umuzi wakubo awuqambe ngokuthi kuseMpolombeni. Lomuzi wakhiwe eduze netshe ayahlala kulo uma kuqulwa amacala esizwe noma ehlola imfuya yakhe. Ngaphambi kokuthi akhothame uMangethe ubize wonke amadodana akhe wathi awagibele etsheni lakhe kodwa ehluleka amaningi kwaba nguNtshosho owakwazi ukugibela lokhu okwenza ukuthi uMangethe ambeke njengalowo ozothatha ubukhosi ngemuva kwakhe. Itshe ayekhonze ukuhlala kulo libizwa ngokuthi yitshe likaMangethe bese kuthi idlinza (ithuna) lakhe libe kude buduze netshe.
Amakhosi akwaZwane alandelana kanje
UMbengo uzale uMbambo. UMbambo uzale uZwane, uZwane uzale uMungwe. UMungwe uzale uPhikelela yena ozale uNsele. UNsele uzale uZikode. UZikode uzale uNsele wesibili ozale uMafu yena wazala uMangethe ozale uNtshosho. UNtshosho uzale uCengesi ozale uThinta. UThinta uzale uDumisa ozale uNkanyezi yena ozale uMhlanganyelwa. UMhlanganyelwa uzale uNtshosho wesibili obusayo. Ohlangothini lwaseMajuba ngemuva kokukhothama kweNkosi uNkanyamba kaThinta, kuphathe uNsakansaka kaNkanyama. Ngemuva kokukhothama kukaNsakansaka kuthathe iNkosi u-Ayanda osabusa.
Izithakazelo zakwaZwane
Zwane, Mangethe!
Zikode, Phikelela!
Ntshosho, Nsele kaLindamkhonto!
Nina bakwaVezi!
Mthanti!
By: Mabusi Kgwete
Source: Ilanga Newspaper. March 12-14 2012. Page 8
Ngicela umlando wabakwa Majola
Sawubona Sifiso, izithakazelo zakwaMajola zingatholakala lapha: https://www.ulwaziprogramme.org/2016/10/izithakazelo-zakwamajola/, kanti futhi ungafunda la ngokushiwo abanye ngomlando wabakwaMajola: https://www.ulwaziprogramme.org/2012/05/request-for-information-on-the-majola-clan/. Njengoba ulwazi lwethu siluthola kubasebenzisi bale-website ye-Ulwazi Programme, singazama ukubuza kwabanye ukuthi kukhona yini abakwaziyo noma abangakubhala ngalomlando lapha.
Ngicela umlando wakwaNgobeni