Umemulo ka Sizile Ngubane

NgokwesiZulu, ukukhula kumuntu kuhamba ngezigaba zakho. Lezi zigaba zihambisana nemicimbi ethile eyenziwayo, okubalwa kuyo umkhehlo kanye nomemulo kwabesimame. Ngokwesintu, intombazane ayigcagci ingakaze yemuliswe noma ikhehle, okuyizigaba zokukhulisa intombazane kanye nokuyincoma ngokuziphatha kahle.

Kuleli khasi, sikhombisa ngama-video umemulo ka Sizile Ngubane, obemuliswa uMzwendoda Nene. Lomemulo ubuseNgilanyoni eMid-Illovo. Lezithombe mdlalo zikhombisa ngokusobala abantu behlobe beconsa ngemvunulo yesintu, begiya beqephuza beseka lentokazi ebimuliswa.

Sithi kwabazobuka obekwenzeka kulo memulo, abasine bazibethele, badle baze bancinde iminwe, bacabe namathambo bezwe umkantsha ngobuhle obobukhona kusuka ezinsizweni zivunule kanye nezintokazi ebezishaya ingoma kusiphuke udaka kulomcimbi. Lomcimbi ukutshengisa ngokusobala ukuthi noma izikhathi sezishintshile ngenxa yamasiko asentshonalanga, kepha thina sizwe esinsundu sisaziqhenya ngama siko ethi, futhi sisazigqaja ngakho.

Brief Overview

This article is about Sizile Ngubane’s umemulo which was hosted and celebrated at Ngilanyoni in Mid-Illovo. This special celebration showcased the beauty of Ngubane people in their traditional attire, traditional hymns as well as traditional dancing.

Leave a Comment