Ukuthwasa ngokuka Gogo Jali

Le ndatshana siyishicilelwe ngu-Hawukile Cele waseMagabheni, eNingizimu yeTheku.

Yahlelwa nguMike Msani noNkosikhona Duma.

 

Namuhla bengikade ngivakashele uGogo Jali ngidinga ukuba angiphe ulwazi kanye nemfihlakalo yezangoma njengoba kuyibona abantu esibathembile ukuba belaphe isizwe sakithi ngemithi yesiZulu futhi kube yibona futhi abakwazi ukusixhumanisa nabantu abadala. Yebo kuningi okumangalisayo nokubabazekayo ngalabantu.

“Ukuthwasa wubizo ngoba ngeke uthi mawuhamba endleleni ngithi ‘Gobela woza ngizokuthwasisa’ – kuba khona izimpawu eziba ezisho ukuthi udinga ukuthwasa. Umuntu osuke ezoba isangoma bamubiza ithwasa. Ithwasa kuke kubekhona imithi eliyidlayo nelifundiswa yona kuze phala lizokwazi kwelapha nalo,” kusho uGogo uJali.

Ngibe sengibuza ukuthi ulibona kanjani ithwasa ukuthi selingahlola?

Uphendulile uGogo wathi: “Kuya ngokuthi kuleloziko basebenza kanjani. Abanye ogobela bathi amathwasa maka hlolane wodwa, abanye uma kufika umuntu bake bathathe amathwasa ukuba lihlole.”

Uthi uGogo izindlela amathwasa ahlolana ngayo zihlukile, khona abahlola ngabelosi, amathambo, ngomqondo. Amathambo yebo kusuke kusebenziswe awodwa kodwa ngoba izinkinga zabantu kazifani nawo amathambo azohluka. Ayikho into abayiqhakambisa njengokuzithanda. Uma usuthwasa uyazila, uma ungazili kukhombisa ukuthi ulinuku futhi luhlaza idlozi lakho. Ukubiza nakho kuya ngeziko lapho uthwasela khona ngoba khona abazizwa ngoGogo, Makhosi noBaba. Kuyenzeka ukuthi umuntu wesifazane abizwe ngobaba yize esuke engeyena ngumuntu wesilisa.

Amagama abalulekile

*Iziko: ilapho usuke uthwasela khona

*Gobela: umhlaphi

*Ndumba: isigodlo noma ilapho kuhlolelwa khona

*Uzila: ukungayi ocansini

*Uphothula: upha kwethwasa

Overview

This article gives us a brief look into the world of a process between ‘the calling’ and becoming a fully-fledged isangoma. The process is called ukuthwasa. The writer looks into terminology that is used to describe the different stages of ukuthwasa. 

The article was written by Hawukile Cele of Magabheni, south of Durban, and was edited by Nkosikhona Duma and Mike Msani.

Leave a Reply