Contents
1 Umemulo
2 Ukuqala komemulo
3 Ingewu
4 Ukugonqa
5 Ukulandwa komkhonto
6 Ukuhlatshwa kwenkomo
7 Ngosuku lwecece
Umemulo
Umemulo usiko olwenzelwa intombazane uma iziphathe kahle ebuntombini bayo lapho isuke ibongwa abazali bayo ukuthi iziphathe kahle yangahlupha. Uma-ke intombazane ikhuliswa kunemigudu elandelwayo. Kanti-ke kuyenzeka enye intombazane ithi ifika esigabeni sokumuliswa ibe seyiganile.
Ukuqala komemulo
Amantombazane akhuza ingewu ngosuku okuqalwa ngalo ukugaywa kotshwala. Asuke ezohlalisa futhi asize intombi ezokwemula.
Ingewu
Uma izintombi zikhuza ingewu zisuke ziphuma zihambe zicula zimema abantu ukuze bazi ukuthi kunecece lomemulo emzini othize kuleyondawo.
Ukugonqa
Intombi emulayo iyagonqa ingaphumeli emnyango ihlale nezinye izintombi ezisuke ziyigonqisile. Ayintanti egcekeni ngoba isuke ihamba nesinyama lesi okungafanelwe sitholwe abanye abantu futhi akufanele ikhulume noma ikanjani. Ngesikhathi begonqile bakhatha ibovu ebusweni okuwusiko lokwemula. Ibovu inhlabathi ebomvu.
Ukulandwa komkhonto
Izintombi ziya kolanda umkhonto ozosina intombi ezomula. Umkhonto ziwulanda ngoLwesine ntambama komalume wentombazane. Ziyanyonyoba uma zingena khona zifike zithathe noma yini esendlini bese zibaleka ziye esangweni ziyolinda abadala bakulowomuzi. Bafike bazinike leyomali eziyibizile bese zicula zibonge bese ziphindela ekhaya. Uma sezibuyile bese kuhlatshwa imbuzi ebikela abadala ngomcimbi ozobakhona ekhaya.
Ukuhlatshwa kwenkomo
Kuhlatshwa inkomo uma kumulwa bese intombazane ithelwa ngenyongo, imbathiswe umhlwehlwe emahlombe ifake nesiphandla ngosuku lwecece.
Ngosuku lwecece
Amantombazane avuka ekuseni aye kogeza emfuleni bese ebuya ezovunula ahlobele ukuyosina. Intombi emulayo ibhinca isidwaba nenkehli imbathe umhlwehlwe emahlombe bese kuthi izintombi zibhince izigege zobuhlalu. Bafika esigcawini basine intombi emulayo ihlonywe imali yizihlobo nomakhelwane. Uma sekuqediwe kubuyelwe ekhaya kuyodliwa ukudla nenyama bese uyaphela umcimbi.
By: Zanele Shange
Cela kubuza umangabe usisi omdala esewashona umuliswa kanjan?