Umshado Wesintu

Kuqala yayithwalwa intombi meyingathwalwanga bekuba omunye kubazalibayo ngokuhalela izinkomozalomnumzane nokuthanda umfana ngokuthi uyayishaya induku noma ulwa kakhulu mekunempi, noma omama bezixoxela bodwa ngingajabula intombi izogana lapha kwami usezoyishoke ukuthi ubonani kuyo usezoshoke ikhuthele ilinono mhlambe ukayibone ithwele umyaba omkhulu beyiphuma kotheza mhlawumbe ukayina ke ukuthi njalo iyasinda kubo iwakowasha ithi ingaqeda ibuyele kubo iyokwenza omunye umsebenzi.

Babe zisasazela kanjaloke izingane zabo mhlawumbe ligcine liphumelelile lelocebo lisuka kubantabadala bebodwa noma meyithwaliwe,bekuthunywa abantu abathize ukuthi bayobika ukuthi indodakazi yabo idukele khona, bethunywe abakubo kamfana , bese besho izinkomo abanazo ,bazisho bese kuphuma owalapha ekhaya ebangenise bese ephinda futhi lezinkomo kade bezisho kukhulunywa ngenkomo ezisencane hhayi esezigugile, meyingenangane beziba yishumi nambili.ziphuke kanjalo kuyengokuthi inengane ezingaki. Bese bekhipha nogwayi wogogo noswidi wamantombazane.Bese beyakhululeka banikwe okuya ngasethunjini mhlambe lude nokhalo lapho bephuma khona. Ngoba bayaneliseka indlela abalobole ngayo nezinkomo abazishoyo babaphakele babaphe amahewu inyama nezithelo lapha egcekeni kutshaliwe baphiwe badle abantu. Abakhongi laba basho nosuku lokuthi beze kobona izinkomo, lezi kade bezibala sebeshilo nemibala yazo,bese bephindela emuva bajika nelisti yezinto zababa wentombazane neyomembeso.

Umthimba
Umthimba iqembu langakamakoti. Bathi befika babesebelungiselwe indlu abazohlala kuyo, futhi bafikanje bathwele yonkinto akade beyivuna emasimini abo ngoba belungiselela loluhambo abanye babo basuke befike ngayizolo umakoti nabanye yena bafika ngakusasa. Umakoti yena usuke esezosala kubokamkhwenyana. Laba abafika ekuseni ngala kamkhwenyana belethe umakoti basuke besuke kuseyizintatha ngale.

Masekusile kahle kade behleli ngaphandle ngoba phela nje befike ezintatha nje ngeke baphazamise kusalelwe bayalinda kuse, bangeniswe baohiwe okuya ngasethunjini,bahlobe abahlobayo bese kulungela ukuthi kuyiwe esigcawini, futhi inkosi ikhiphe namaphoyisa ngokwe ngaba zawo ukuze umcimbi uhambe ngokuthula Induna yendawo ibikeliwe ngalomcimbi khona izokhipha iphoyisa nensizwa nentombi ,kanye nalabo abazobe begadile ukuthi umcimbi uhambe. Inkosi yendawo ikhipha nelinye iphoyisa okuyilo eliphatha umcimbi wokuboshwa kwefindo lomshado yilo eliyibuzayo intombazane ukuthi uyamthanda lisho amagama aphelele omkhwenyana, izithulele nje intombi mhlawumbe aze abuze kabili noma kathathu izithulele nje bese kuthi ngesikade iphendule ngokuthi ishaye iphoyisa lenkosi ngesicephu lesi esisuke isiphethe lokho kusho ukuvuma.

Bonke abantu basuke behlezi phansi, ithi ingavuma besekuduma ihlombe basukume beyibongela besho izithopho zayo, bejabulisa insizwa ngokuthi ivunyiwe yilentombi. Kuke kwenzeke phela intombi iphike ngokuthi yona ukhona ezimisele ngaye yase iphoqwa ngenkulumo bese iphika esigcawini. Emva kwalokho kuyasinwa kudedelwana, kuyajatshulwa, kuphuzwe nokhamba lokhu kade luhleli bemincile, intombi phela ibiba mincisile bengazi izothini. Khona lapho enkundleni kusuke kuhlatshwe inkomo ekuzomukelwa ngayo umakoti bese ethelwa ngenyongo amukelwe.

Ngapha bekulindwe izwi nje eliphuma kuye ukuthi uyathanda lento eyenziwayo kuye, nangakubo sebemenzele lokho njengoba ubaba wakhe esemphelezela eyomnika umkhwenyana. Intombazane ikhipha ukhamba lotshwala, ikhiphela ubabezala, kodwa lungabinalutho isikhetho sotshwala, sisebenza ukukhetha amaphephelezi aphuma etshwaleni khathi ephuza ubaba. Kuyenzeka buvovwe utshwala kodwa khona okusalayo yikho lokhu asebenzisa isikhetho ukukukhipha etshwaleni, unikezwa necansi nengubo yokulala. Bese kwabelwa bonke abomndeni, uma kuwumndeni omkhulu bese kukhethwa omdala okuwuye ozombeswa emndenini. Lokho kwenzeka kakhulu uma kuwumndeni omkhulu mhlawumbe kunesithembu izindlu ziziningi.

By: Nelisiwe Hlongwane

Umshado Wesintu uma Engakaqedwa Amalobolo

Umshado wesintu wenziwa ngezindlela eziningi njengoba sibona ngenhla, lapha sibheka lomshado lapho kusuke khona umkhenyana engawa qedanga amalobola mhlawumbe kusuke kusele inkomo eyodwa. Sibheka ukuthi kwakwenziwelani futhi kwakusizaphi.
Kwakuthi uma umkhwenyana eyolobola kubo kwentombi bese umukhwe (uyise wentombazane ezolotsholwa) acele kubakhongi ukuthi ucela ukushiya inkomo eyodwa yamalobolo. Kwakubalulekile ukuthi kuvunyelwane ngalokhu futhi lokhu akuchazi ukuthi inkomo esele yamalobola ngeke ikhokhwe, izikhokhwa ngesikhathi intombi isishada. Kuyothi ngosuku lomgcagco umkhwenyana akhiphe izinkomo ezimbili. Inkomo eyodwa kulezi ngeyasekhweni (kuboka makoti) kuthi eyesibili ngeyasemzini (kubo kamkhwenyana). Lezinkomo zombili zizoya kwamkhenyana zifike zibulawelwe khona.

Ngelanga ekuzoshadwa ngalo
Izintombi kanye nomakoti bavuka ekuseni kakhulu balungiselele ukuya emzini, kuthiwa bayofohla uma benza lokhu. Umakoti usuke engakazigqoki izingubo zomgcagco, uyaye agqoke ngokunganakeki. Uma kwenziwa lomkhuba umakoti akahambi nabantu abaningi ngoba usuke ebalekela ukuthi abonakale noma abanjwe. Ngoba uma kwenzeka babanjwa bayashawa ngezinswazi ngabantu basemzini. Uma sebengenile ngaphakathi kuzoculwa kuqhudelana abakwamakoti nabakwamkhenyana. Kuze kube isikhathi sokuthi iznkomo ziyabulawa.
Izinkomo zigwazwa umkhongi. Umakoti ungeniswa esibayeni ukuthi akhombe lapho efuna ukuthi ihlatshwe khona inkomo. Umkhongi kuzofanele ayigwaze kube kanye bese iyawa inkomo uma ehlulekile ukuyiwisa phansi uzokhokha imali yenhlawulo yakwamakoti kubalwe ukuthi uyigwaze kangaki. Ngemuva kwalokhu sekulungiselelwa umgcagco. Bazogqoka izembatho zabo kodwa okubalulekile ukuthi umakoti ngeke agqokele kubokamkhwenyana uma besuka kude bacelelwa komakhelwane ukuthi bazilungiselele khona.

Imishado ihlukile ngokwezindawo zabantu abanye bajwayele ukuthi babusiswe ngumfundisi njalonjalo. Uma sebekuqedile lokhu kubuyelwa ekhaya kubokamkhwenyana lapho kuzoqhubeka khona umcimbi. Abahamba nomakoti bayacula ngoba basuke bejabulile nabakwamkhwenyana nabo ngokunjalo. Kusuke kuncintiswana lapha. Ngalo lelolanga umakoti uyaba (ukwaba ukupha abantu basemzini izipho njengezingubo zokulala njalonjalo). Kodwa kwezinye izindawo kwabiwa ngosuku olulandelayo. Umshado wesintu uchaza ukuthi umakoti usuke evunule ephelele ngesidwaba nenkehli uma enguMzulu. Ngemuva komabo labo abebephelezele umakoti babuyela emakhaya yena useyasala ukwakha umuzi wakhe.

Ukushiwa kwenkomo ngesikhathi kulotsholwa kwakwenziwa ikakhulukazi uma indawo iqhellelene ekhaya likamkhwenyana nomakoti, ngoba phela indulu enhle igawulwa ezizweni. Okuchaza ukuthi umakoti kwakungowakude. Okunye okubalulekile kakhulu ukuthi intombazane uma isishadile ayengeni kubo ima ngaphadle komuzi uma ngabe kukhona into ebalulekile eyifunayo. Ngoba kuqala zazingekho izinto zokuxhumana njengezingcingo.

Ucela noma isihlobo uma ubaba wayo engekho. Uma kushada ingane yakho yokuqala yentombazane awuyinhlobo emshadweni wayo ucela udadewenu ukuthi akumele usala ekhaya. Okubalulekile kakhulu ngezinto zesintu ukuthi kumele ubuze kubantu abadala ukuze izinto zihambe kahle ngendlela yosiko. Umshado wesintu ubalukekile kakhulu kuthina bantu abamnyama ngoba uyakhalaleka uma ungawenzanga.

English Summary
Traditional wedding is an important aspect when two people are getting married because it is a way of introducing each individual to the ancestors. The two articles above outlines how traditional wedding is done. It is important to highlight that what is written might not be the way it is done where you come from, fieldworkers are writing about what happens in their areas.

By: Nqobile Mdabe

10 thoughts on “Umshado Wesintu”

    • Sawubona, umbuzo onzima ukuwuphendula lowo ngoba kuyehluka ngezigodi nangabantu ngokuthanda kwabo. Abanye abantu abazibali emalobolweni, kodwa futhi kuke kwenzeke ukuthi ngesikhathi kwenziwa izingxoxo zamalobolo bafike nenkomo yokuhlatshwa uma sekugcagcwa. Kuya ngezinkulumo phakathi kwemindeni.

      Ulwazi Programme

      Reply
  1. NGISHADE UNKOSIKAZI NGIMTHOLA ENABANWANA ABABILI INGABEKUMELE NGIKHOKHE ILOBOLO LALABANTWANA ABABILI? SENGIHLALENALABANTWANAKUSUKA AT THE AGE OF 5 OMUNYE 9 BANGAMANTOMBAZANE. INGABE NGIZOBE NGONA MANGIBASHINTSHA ISIBONGO SAMAWABO KUBE ESAM?

    Reply
  2. Nkonyane yenkosi ngokwami ukubuka ngabe udalela bona abantwana inkinga ngokubabiza ngesakho isibongo, balunge bebiza esasekhaya konina isbongo ukuze izinto zabo ziyohlale ziqondile

    Reply
  3. Ngyabingelela, ngicela ukubuza ukuthi umakoti mase aba kuyaye kube izngubo nani okunye ngezgaba zabo ngicela unhlukanisele .Ngyabonga

    Reply
  4. uma ulotsholiwe kodwa kwangaqedwa wase uyashada kodwa hayi lona esizulu ,uyabalwa njengoshado wangempela and izingane zona azizoba yini nenkinga uma ngizibiza ngesibongo salapho ngishadele khona.

    Reply

Leave a Reply