Kwenzekani ngomfanekiso kaShaka

Sekuphele iminyaka kungacaci ngomfanekiso weNkosi uShaka kaSenzangakhona esikhumulweni sezidiza eThekwini. Uzokhumbula ukuthi ngonyaka ka-2010 kwembulwa ngokusemthethweni umfanekiso weNkosi uShaka. Lo mfanekiso kaShaka owakhiwa u-Andries Botha wasuswa ngemuva nje kwesikhashana waba khona ngemuva kokukhononda nokungagculiseki kwaseNdlunkulu okwaholela ekutheni ususwe. Lesi sakhiwo sasitshengisa uShaka emi eduze nezinkomo engaphethe lutho esandleni, ihawu lincikiswe ngetshe okungatshengisanga kahle ubuholi nobukhosi … Read more