Izithakazelo ZakwaSithole

Jobe! Mondisa! Phumela phandle ngoba kufudumele Matshana! Mhlakaza nhlansi zingamshisi Ziyoshis’ abalondolozi   Maphitha! Mthembu waseGubazi AbaThembu bengabakwaMvelase Ngqikazi zimnyama zingamankankazana Nyama kaMaqoqo Abayidla beyidonsisana Read more …

Umlando Ngokuhlukana Kwesibongo SakwaMeyiwa NoMsomi

Lapha sibheka umlando ngesibongo sakwaMsomi ukuthi bahlukana kanjani phakathi kuze kubekhona abakwa Meyiwa. Sibe nengxoxo noBaba Cabangela Meyiwa ohlala endaweni yaseNanda, kaBester. Ubaba uMeyiwa usixoxela ngokuhlukana okwenzeka eMaSomini. Ngokwesintu umnumzane uyaba nesithembu. Esithenjini kubakhona undlunkulu kanye nondluncane. Uma kwenzeka kube khona umakoti ekhaya ekufanele aphume kuvamise ukuthi kube omncane. Kodwa kwakungavamile ukuthi kuhlukwane ngokuhlala. Umnumzane … Read more

IZITHAKAZELO ZAKWA MSANE/MSANI

Majoka, Kunene, Mtimande Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka, Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo, Mthantathwa, Mnguni wasOndini, Wena kaNonqewu, ka Sontuli ka Nonjonjo Delela ! Wena kaMgobhozi, owehl’ entabeni, Ntetha, Vangisa, Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi, Mvuna! Izithakazelo zakwa-Msane Mtimamnde, Kunene, Majoka, Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka, Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo, Joka lensimbi, abanye bebophela ngawokhuni ! Mthantathwa, Mnguni … Read more

Izithakazelo

Want to know more about your family surname or izithakazelo? Look no further than Ulwazi where we have a whole category dedicated to it!  This includes the History of the Khuzwayo surname, the History of the Shange Surname and the History of the Bhengu surname.

Umlando Wesibongo Sakwa Sibiya

Izithakazelo Sibiya, Sotobe, Gazu! Wena Sibiya ngenkom’ abafokazana bebiya ngamahlahla! Ndaba, Gumede, Khathi, Manyelele, onyelela njengentomb’ iy’ esokeni! Nina bakwa nkom’ isengelw’ emaweni, ingasengelwa esibayeni, akuyona eyakhona! Sikhobobo sikaMabhabhakazane! Imvelaphi yakoSotobe! Isizwe sakwaSibiya bebe ngochwepheshe ekucupheni izinyamazane, lokhu bekwenza njengento ewumkhuba nomdlalo olidumela kanti futhi nemfuyo ibibathanda ikakhulukazi izinkomo. Bebefuye imihlambi ngemihlambi yezinkomo. Lezizinkomo bebezithola … Read more