Izithakazelo ZakwaMlambo

Sishango sikaMabhendla Mabhendla eseNdlovane UMabhendla obaba njengoJobe kwaMahaqwabezi Nina bakaPhisa Sithole sasekhaya Mandeku! Shango! Nina bakwaVezi ozivezayo Mdineka! Nhlabathi! Manzi! Nina bakaNobanda ngomsasane Isihlahl’ esiband’ amagwala Nina bakaNtshikantshikana Etshikize phansi kweSandlwane Yabonwa ngabazingel’ bakoMfekana Bayibone ngamabheq’ ukusithela Nina bakaMbeng’ osind’ abosi Ngokubanzim’ eziko Nina bakaMakhokhoba ngenkom’ iyemhlangeni Wangen’ emhlangen’ engangombhuquzwane Waphum’ engangomthantekazi wesithole. By: Mbusiswa … Read more

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaNyandeni

Nyandeni! Ngonyama! Vumisa! Mntungwa Mashonana Khukhuza kaNgonyama Wena waseNdidaneni Galela wentuku ngokuthukuzela. Msongi wensimbi ayibeke ekhanda Umlando wabo: Abantu bakwaNyandeni badabuka kwaKhumalo, bangamaNtungwa- Nguni ngokwezigaba sabo uma sihlahla isizwe kubaNguni. Kukhona indawo eyayaziwa ngokuthi kuseMpangisweni, lendawo iseZwathi ngaseVryheid enyakatho yekwaZulu Natal, lapho kudabuka khona labantu bakwaNyandeni. UMzilikazi kaMashobane wathi uma efika ebuya ukohlasela abesotho, wafika … Read more

Izithakazelo ZakwaMbatha

Shandu kaNdaba! Mageba! Wena kaSontshikazi Owavimba ngezinkomo Abafokazana bevimba ngezihlahla. Magwaz’ aphindele njengezulu Wena kaNomngalele kaNtshele Ngokuthwal isala sensele UShandu akangakanani Ngoba nasentendeni yesandl; uyenela Ndabezitha! Manyosi kaDlekezele! Owaqed’ intondolo yembuzi kusa Nina basemaMbatheni Enabamb’ inyamazan’ engabambekiyo Neza koMkhulu senembeth’ isikhumba sayo Kwaze kwathiwa ningabakwaMbatha Ngoba nambath’ uZul’ ehambaze Dladla! Nina bakaGubuzel’ umuntu ngehemu lakhe … Read more

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaMpungose

Phahla! Ndlovu kaKhuba! Gawozi kaSilwane! Mnukwa kaTetema! Ngowuza, Nina bephahla elinhlokonhle, Wena wendlov’ enamandla, Khuzwayo! Nkomo zadl’ ekhaya Ngokweswel’ umelusi! Zaze zeluswa nguDembezane Intombazan’ encane. Wena kanoMasikisiki Wena wenyoni eyasindwa yisisila sayo, Sgqoza esimlom’ ubomvu sikaMbuyazwe, Mdungwane ongalo incane. Umlando wabantu bakwaMpungose Imvelaphi nomlando wabantu bakwaMpungose uveza ukuthi badabuka esibongweni sakwaZungu. UPhahla kwakuyindoda yakwaZungu, yena … Read more

Izithakazelo ZakwaNzama

Chamane! Wosiyana! Nina bakwaNombhoco Enawela ngezibuk’ elibanzi Abafokazana basala becosh’ izindondo Nina bakhandi bemkhonto. Nzama kaZukula Mfazi kashaywa ngemvubu Ushaywa ngombhombolo wesidwaba Mashumi kaLukhele Gcugcwa kaNcameni Owabonwa uShaka Kanti naye bazombon’ oMhlangana Read more …