Izithakazelo ZakwaNxumalo

Mkhatshwa Zwide kaLanga! Soshangase kSothandose Ndwandwe waseGudunkomo Nina bakaMneme Nina bakaMashesh’ afike kuMashobana Nina bakwaNkokhel’ abantu Behlatshwa njengezinkomo UNozinyang’ engafiki Nina bakaNonhongoza Mnguni ongafiki ngomkhonto Nogwaza be ngahlonyulwa Sandla sivik’ umkhonto njengehawu Kukhal’ indoda namadojeyana Wena Ndwandwe ogwaze indoda wayishi ifile Langa! By: Mbusiswa Zuma

Izithakazelo Nomlando WakwaMdletshe

Izithakazelo zaboMdletshe! Wena kaMqomboli, Mnomo! Dukuza Msindazibaya Owasind’ esaseMangweni nesakoDonda Umlando wabo uthi Ngesikhathi sempi yaseNdondakusuka ebuphakathi kwabantwana beSilo sakwaNodwengu, uMsushwana wayengasohlangothini lomntwana uCetshwayo, emesekile. Ngisho sekubusa iSilo sasoNdini wayelokhu ethembekile, akazange asihlamuke. Kuthe ngemuva kokuthi iNkosi uZibhebhu esebhubhise izikhulu zikaZulu esigodlweni oNdini, basigwaza iSilo uJinininda saze sayofihlwa ngabakwaShezi, iSilo sedlulela eShowe. Kwathi iSilo sesibize … Read more

Izithakazelo Nomlando WakwaBiyela

Amaqhawe akwaBiyela Inkosi uMpande isibekiwe njengenkosi, iyale ukuba uMagidi abe yinkosi yabantu bonke bakwaBiyela. Kodwa uMagidi wala waphetha ukukwenza lokho, wathi ngeke abuthathe ubuzibulo bomnewabo. Usuke lapho ayolanda uMvundlana ekubhaceni. Izwe likaMvundlana laziwa ngokuthi kusoBuka olwabuka inhlangu yafa. Leli gama namanje lisetshenziswa yindlu enkulu yalaba bantu. Izwe lasoBuka lisenyakatho neMpangeni. Lisikelana nelakwaZungu, elakwaMthembu, nelakwaBiyela-Sanguye, nelakwaZulu … Read more

Izithakazelo ZakwaMthembu

Mvelase Nin’ enavel’ eNyandeni Ngothwalo wakwaMabaso Nina bakwaGogolazitha Nina bakwaNobasali Nina bakwaVezi uNonyanda Nina bakaNgoz’ akakhikhobi Ngoba wakhokhobel’ izinkomo zamadoda Nina bakaVezi kaMandulo Nina bakaNotsele kaNodada Nina bakaSibhuzikazi simayikayika Nina bakaPhumuz’ abant’ amaphiko Bathemb’ abaseng’ inkomo izele Nina bakaGude Nonjolo! Madl’ amathiban’ indla’ iwile Nina bakoNonyezi Amahwanq’ amakhulu Nina baseQhudeni Ngokudl’ iqhude lifile Khathde! Maphanga! … Read more

Izithakazelo Nomlando Wabantu BakwaZondo

Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaZondo Izithakazelo: Mthiyane, Sokatshana, Zondo, Mnguni ka Manekwane, Mazwi, Sokhulu kaNdaba, Sikhangane, Mnqabulankungu kuvel’ ilanga. Nanku umlando nemvelaphi yabo kafuphi: Imvelaphi yabantu bakwaZondo idabuka kuMthiyane (uSokhulu) yena owazalwa uSikhangane noSonkatshana. Ngokomlando nangokwezigaba zamaNguni, bona bangamaNtungwa-Nguni ngenxa yokuthi umlando usiholela emthonjeni wabo okuwuKhumalo lapho bephuma khona. UMthiyane wayenamadodana kwase kuthi eyodwa yawo lapho … Read more