Izithakazelo zaboMdletshe!
Wena kaMqomboli,
Mnomo!
Dukuza
Msindazibaya
Owasind’ esaseMangweni nesakoDonda
Umlando wabo uthi
Ngesikhathi sempi yaseNdondakusuka ebuphakathi kwabantwana beSilo sakwaNodwengu, uMsushwana wayengasohlangothini lomntwana uCetshwayo, emesekile. Ngisho sekubusa iSilo sasoNdini wayelokhu ethembekile, akazange asihlamuke. Kuthe ngemuva kokuthi iNkosi uZibhebhu esebhubhise izikhulu zikaZulu esigodlweni oNdini, basigwaza iSilo uJinininda saze sayofihlwa ngabakwaShezi, iSilo sedlulela eShowe.
Kwathi iSilo sesibize izikhulu zaso ezasinda lapho, naye wayekhona uMsushwana. ISilo samdonsa ngendlebe uMsushwana sathi lapho uDinizulu efa khona, naye uMsushwana makafe lapho. Nembala uMsushwana wafa efela iNdlunkulu ngesikhathi sempi yaKwaCeza.
Yathi uma isiphelile wacela eSilweni sasoSuthu ukuyobheka izingane sakhe eZibayeni, kanti iMboza laseZibayeni kalibuzanga elangeni, ngoba kukhona lokhu kulaba ababehambisana noZibhebhu abamtshela ukuthi likhona iMboza laseZibayeni. Balivimbezela balibulala, belibulalela ukuthi leseka iSilo sasoSuthu. Babuya nabo abakwaMaNdlakazi base benesaga sabo ababezwana ngaso bethi “washesha.”
Zafika izindaba eSilweni sasoSuthu zokubulawa kukaMsushwana, zifika neShudu lakwaThambo, uNdunankulu uMankulumana nomfowabo kaMsushwana uMavukefile. Sakhala kakhulu iSilo sasoSuthu sikhalela ukudlula kukababa waso ngalendlela. Phela sase simthatha njengoyise. Lafa kanjalo ke iqhawe lifela indlunkulu yaKwaZulu njengokufungiswa kwalo. Abantu bakwaMdletshe kuze kube yimanje balokhu bethembeke njalo endlunkulu yaKwaZulu njengoba nenyosi yeSilo esibusayo kunguBuzetsheni kaDlakudelwa kaQalenkomo. Ubukhosi obukhona bakwaMdletshe ngobaseZibayeni obubuswa yinkosi uBonga oke waba yilunga leSishayamthetho KwaZulu Natal.
Balamana kanje:
UMdletshe wazala uNgubo, uMnomo noSiziba.
UNgubo wazala uSode yena ozale uMlotshwa, yena ozale uTshana, ozale uMqomboli, ozale uNgomane, ozale uNgubhane noDedema.
UDedema wazala uMasovalo ozale uNgqangi, ozale uMsawenkosi ozale uMkhangeleni.
Indlu kaMnomo Obusayo eZubayeni:
UMnomo wazala uGubashe, yena ozale uManqaba noMfusi. UMfusi uzale uMsushwana, ozale uNtaminemidwa ozale uMkhaliphi ozale uSiphosabadletshe neNkosi uBonga ebusayo.
Indlu kaSiziba: KwaCeza
USiziba wazala uNomzoyi, ozale uMpondo, ozale uNomqhamlashe, uMakhwebeza wazala uNqekeza (uDududu), uQalenkomo (Mavukefile) noBhiniza.
UQalenkomo wazala uMpiyendoda, uNgikhawulani, uDlakudelwa noThobelamakhafula.
UDlakudelwa wazala uBuzetsheni iNyosi yeSilo esibusayo, uMbhekiswana oyinkosana uBantubonke, uMndeni, uMuntungecala, uNhloko nabanye. UThobelamakhafula wazala uZuka, uChakide noMshayinyoni.
Umlando wesibongo sakwaMdletshe
Isizwe sakwaMdletshe sidabuka kubantu bakwaMthethwa. Lesi sibongo sivele ngokuthi omune wabafana bakwaMthethwa ekhuelise intombazane. Uma seyibuza ukuthi ngubani oyikhulelisile, yakhomba lowo omunye wabafana bakwaMthethwa. Abadala bakhona kwaMthethwa base bethi udla etsheni, lowo mfana kwase kuthiwa unguMdletshe. Abantu bakwaMdletshe akukho lapho sithola ukuthi bagcina engasezwani nabantu bakwaMthethwa ngoba abanye bakwaMdletshe bagcina sebengezinye izinduna zakwaMthethwa nasesizweni samaZulu.
Izindlu zakhona kwaMdletshe ziphuma emadodaneni kaMdletshe ozale uNgubo, uMnomo noSiziba. UNgomane owayezalwa nguMqoboli,ungomunye wamaqhawe azalwa kwaMdletshe obekade ewuNdunankulu yeNkosi yakwaMthethwa uDingiswayo kaJobe kaKhayi. Wabekwa eSangoyana lapho akhe khona umuzi waseZisayini.
Izwe lakwaMthethwa labe lilikhulu ngoba laligcina ngomhlathuze. Nguyena uNgomane owakhulisa iLembe kwaMthethwa waze wambuthela ebuthweni lesichwe futhi nguye owahamba wayomethula esizweni saKwaZulu emveni kokukhothama kukaSigujana. USigujana wabulawa nguNgwadi owabe engumfowabo weLembe (uShaka).
Ngesikhathi kubusa iLembe kwaZulu, waba ngomunye wondunankulu balo efundisa amabutho izindlela zokulwa izimpi ngomkhonto owodwa. Futhi ke iLembe kalizange libahlasele abantu bakwaMdletshe ngoba phela lalibathatha njengabantu bakubo lapho akhulela khona kwaMthethwa njengoba kwakuyibo ababevikele umbuso wakwaMthethwa.
Kubekhona uNgubhane kaNgomane waseZisayini owabe engumngani omkhulu weSilo saKwaDukuza owabulawa yiSilo saseMgungundlovu ngoba sase sibulala bonke laba ababesondelene neLembe. NoNgomane wawela kulesosihibe. Elinye iqhawe lakwaMdletshe nguMfusi, uSembethwa buhl’ obubomvu kaGubashe kaMnotho. Yena wayeyiqhawe leSilo sakwaNodwengu owayethembeke kakhulu eSilweni sakwaNodwengu. Izwe leliya walisikelwa yiSilo sakwaNodwengu izwe laseNhlwathi lapho khona wakha umuzi wakhe waseZibayeni namuhla sekubizwa ngawo isiteshi samaphoyisa eZibayeni. Lapho ke uMfusi wazala uMsushwana wamyisa eNdlunkulu kwaZulu ukuba ayofundiswa ngokuphatha isizwe.
Lensizwa enguMsushwana yayikhaliphile kakhulu okwakuyinto enhle nencomekayo ngaye. Wayesebuthweni elilodwa neSilo sasoNdini, uJinininda. Lona ke ngesikhathi sekubusa iSilo sasoNdini, laliphethwe nguMntwana wakwaMfemfe uHhamu iNxandela. Kwathi emuva kokuba sekuhambe uMfusi ekubeni iNdunankulu yeSigodlo saseMlambongwenya, kwaqhubeka yena uMsushwana.
Kuleso sigodlo kwakuhlala uNdlunkulu uSongiya oKaNgotsha wakwaHlabisa ozala iSilo sakwaNodwengu. Ngenkathi yempi yaseNdondakusuka eyayiphakathi kwabantwana beSilo sakwaNodwengu, uMsushwana wayengasohlangothini loMntwana uCetshwayo, emesekile. Kuthe noma sekubusa sona iSilo sasoNdini, wayelokhu ethembekile, akazange asihlamuke.
Kuthe inkosi uZibhebhu esebhubhise izikhulu zikaZulu esigodlweni oNdini ae asigwaza iSilo uJinininda saze sayofihlwa ngabakwaShezi. Sedlulela eShowe kwathi iSilo sesibize izikhulu zaso ezasinda lapho, naye wayekhona uMsushwana.
English Summary
This article outlines the history of Mdletshe people.
By: Mbusiswa Zuma
Nxamalala!!! Izandla zedlula ikhanda. Wothi Msindazwe!
ngyabonga ngokwazi imvelaphi yakwamdletshe nezithakazelo
Uhlangana kanjani noNtuli uMdlershe ngicela ukwazi ngoba thina singoNtuli Mdletshe
Umlando okuhle Lona nokhombisa ukuthi abantu base Mdletsheni babethembikile kukho konke okwakwenzeka emandulo👏