Siqhubeka noCharlotte Mannya Maxeke

Emakhisini adlule sibhunge ngomlando kamama Charlotte kodwa nakhona besiwukhela phezulu njengombila, saphinda sathinta nendaba yosuku lwentsha nokuqashwa kwaya ithobe amathuba omsebenzi. Lana ke siqhubeka nomlando wakhe nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi aze ayofunda phesheya kwezilwandle. Sikuvezile ukuthi umndeni kaCharlotte wathuthela eKimberly emuva kokuthola idayimane. Kuthe ke ekufikeni kwabakubo eKimberly wabe eseqala ukufundisa izifundo zolimu lwesintu kubantu … Read more

UCharlotte Makgomo (née Mannya) Maxeke

Kuningi intsha emnyama yaseNingizimu Afrika edlule kukho ikakhulukazi ngesikhathi sobandlululo, isikhathi ebesinzima kuthina ngoba phela besilwa nengcindezelo. Okubi ukuthi abantu abamnyama bahlupheke baphinde bahlukumezeka kakhulu phambilini kanti namanje kusaqhubeka lokho noma ukucindazelwa sekwaphela kodwa abantu abansundu basacindezekile ngokwemisebenzi nobubha. Kuleli khasi kuyinyanga yentsha sithi ake sibhunge ngomama uCharlotte Makgomo Maxeke. UCharlotte ngumama odume kakhulu emlandweni … Read more

The Year of Charlotte Mannya Maxeke

Unyaka nonyaka uhulumeni wethula isiqubulo esisuke sizoba isiqubulo sezinhlaka zikahulumeni. Leziqubulo zihambisana nezinhlelo zakhe uhulumeni kanti ke leziqubulo zihambisana nokukhunjulwa kwamaqhawe abambe iqhaza emlandweni waseNingizimu Afrika. Kulonyaka isiqubulo esithi “The year of Charlotte Mannya Maxeke: Growing youth employment for an inclusive and transformed society”. Lokhu kuqondene kahle ngoba entsheni abantu abafana naye umama uCharlotte bangabantu … Read more