Inhlangano Yabafundi: South African Students Organisation

Inhlangano Yabafundi: South African Students Organisation Umbhikisho wabafundi obunedumela kulonyaka odlule uthi awufane nombhikisho owenzeka eminyakeni engaphezu kwamashumi amane edlule lapho amalungu enhlangano yabafundi i-National Union of South African Students ahlubuka aqala inhlangano eyaziwa nge South African Students Organisation (SASO). Nakuba umshikashika we-Fees Must Fall ubonwa sengathi wawufuna ushintsho lwenzeke ngokushesha, kanjalo nemibono yamalunga e-SASO … Read more

uKesval ‘Kay’ Moonsamy (5 July 1926-21 June 2017)

Ngokudlula emhlabeni kuka Kesval Moonsamy ngesonto elidlule lelizwe lilahlekelwe ngenye yezingqalabutho zentando yeningi. Ubaziwa kakhulu ngelika ‘Kay’, uMoonsamy wayeyilunga lezinhlangano eziningi zepolitiki, waba yilunga lenyunyana esemncane kakhulu. Eneminyaka eyi 14 waqala ukusebenza eRhodesian Timbers Limited lapho azizwela khona ukungabikho kobulungiswa nokungalingani emsebenzini ngenxa yebala. Wabe eseba yilunga leNatal Indian Congress (NIC) kanye neCommunist Party of … Read more

Umdlalo wekhilikithi ngesikhathi sobandlululo

Location of Users

Abomdabu baseNdiya baseThekwini bazithola bevalelwa wonke amathuba futhi bekhishwa ekubeni ngamalungu ezinhlaka zemidlalo kuya emahhotela. Inhlangano eyaziwa ngeSurat Hindu Association yasungulwa kusaqala iminyaka yama 1900 ngemizamo yokuvikela amalungelo abomdabu bevela eNdiya. Lenhlangano yasiza ngezinhlelo eziningi njengokutholakala kothisha bolimi iGujarati ababevela eNdiya, kuya kwezenkolo kanye nokusungulwa kwamaqembu nezinhlelo zemidlalo njenge Bharat Cricket Club. Umdlalo wekhilikithi wafika … Read more

Usuku olungajwayelekile lukaNcibijane

Benedict Vilakazi's Grave

Njengoba silindele ukungena onyakeni omusha kubonakala kuyisikhathi esihle sokuxoxa indaba eyenzeka eminyakeni engamashumi amathathu edlule yokweqa kukaDonald Woods eNingizimu Afrika. Ngalesosikhathi uWoods wayengumhleli wephaphandaba laseMonti, i-Daily Dispatch wayenikwe isigwebo seminyaka emihlanu sokungasebenzi ngemuva kokuboshwa kwakhe esikhumulweni sezindiza ezama ukubaleka. Ngemuva kweminyaka eminingi ephikisana nohulumeni uWoods wabona ukuthi indlela izinto ezenzeka ngayo eNingizimu Afrika sezifinyelele lapho engasakwazi … Read more