Umdlalo wekhilikithi ngesikhathi sobandlululo
Abomdabu baseNdiya baseThekwini bazithola bevalelwa wonke amathuba futhi bekhishwa ekubeni ngamalungu ezinhlaka zemidlalo kuya emahhotela. Inhlangano eyaziwa ngeSurat Hindu Association yasungulwa kusaqala iminyaka yama 1900 ngemizamo yokuvikela amalungelo abomdabu bevela eNdiya. Lenhlangano yasiza ngezinhlelo eziningi njengokutholakala kothisha bolimi iGujarati ababevela eNdiya, kuya kwezenkolo kanye nokusungulwa kwamaqembu nezinhlelo zemidlalo njenge Bharat Cricket Club. Umdlalo wekhilikithi wafika … Read more