Iminyaka Engamashumi Amathathu

Usuku lomhlaka 11 February 2020, linomlando omkhulu eNingizimu Afrika. Lolusuku luyisikhumbuzo salowo owayenguMongameli wezwe uNelson Mandela wakhululwa ejele ngemuva kokuhlala iminyaka engu 27. UMandela waboshwa mhlaka 5 August 1962 eshayela imoto esuka eThekwini elibhekise eGoli. Ngesikhathi emiswa ngamaphoyisa ngaseHowick kuR103, wazenza umuntu ongumshayeli ozibiza ngoDavid Motsamayi okwakuyigama lomunye wabantu asebenzisana nabo. Kuthiwa amaphoyisa athi ayezenzela … Read more

Ukukhumbula u-Rick Turner

Igama lika-Rick Turner lingaziwa inoma ubani oseke wachitha isikhathi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Kukhona ibhilidi labafundi eliqanjwe ngegama lakhe, kube khona umfundaze obizwa ngegama lakhe kanti ingxenye yayo inyuvesi incike eduze komgwaqo oqanjwe ngalo igama lika-Rick Turner. Khona kunjalo, ngabe bangaki abazi kabanzi ngomlando kaDokotela Richard Albert Turner? Wazalelwa eNtshonalanga Kapa ngowe-1941 kubazali bokufika ababevela eNgilandi. Waphothula … Read more

Wafela ukuthula

Namhlanje kubalwa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu kwabulawa u-Chris Hani, isenzo esaphazamisa izingxoxo ezazibucayi zokudlulisa amandla kuhulumeni wobandlululo eya kuhulumeni wentando yeningi. Kunzima ukukholelwa kulokhu emva kweminyaka eminingi kangaka eseyadlula, kodwa u-Chris Hani wayethandwa kakhulu eNingizimu Afrika. Futhi abaningi babekholelwa ukuthi i-SACP yayingayihlula i-ANC okhethweni uma u-Hani wayesangamholi. Ngaphambi kokuthi aqokelwe isikhundla sokuba nguNobhala Jikelele weSACP … Read more

Usuku lwenkululeko, i-Satyagraha kanye No. 14 Mercury Lane

UMsombuluko, womhlaka 15 August 2016 uqopha umlando weminyaka engu 69 izwe laseNdiya lathola inkululeko yokuzimela ngaphansi kwengcindezelo yaMaNgisi. Umshikashika owaholela ekuzimeleni kwalelizwe waziwa ngokusebenzisa i-satyagraha, umkhankaso wokungasebenzisi udlame kodwa abantu bangayithobeli imithetho ethile kahulumeni, wawuholwa yinhlangano ye-Indian National Congress, uMongameli wayo wangalesosikhathi kwakungu Mohandas Gandhi. Cishe kwathatha iminyaka eyikhulu ngaphambi kokuthi izwe laseNdiya likwazi ukubuyela … Read more

Sime Ndawonye

Lime Balls

Imithetho eyayilawula ukuthi ngubani okwakufanele avote yayihlukile ngokwezifunda zaseNingizimu Afrika, kodwa iqiniso ukuthi umhlaba wawungowabamhlophe kuyibona abanezwi. Nakuba eKapa u 15% wabakhethwa wawuhlanganisa amadoda amnyama ngenxa yenani lamaKhaladi, amaNdiya kanye nabaMnyama ababethenge imizi kulesiyasifundazwe. Unyaka ka 1930, waqala ukuthi abasefazane abamhlophe nabo bavote okwenza ukuthi inani lalabo abansundu eKapa lishabalale ngenxa yamavoti abamhlophe amaningi. Unyaka … Read more

The Tripartite Alliance

With the exception of the African National Congress (ANC), there’s probably no better known political body in South Africa than the tripartite alliance. Bringing together the ANC, the South African Communist Party (SACP) and the Congress of South African Trade Unions (Cosatu), the alliance forms the cornerstone of the government’s power. The relationship is an … Read more