Amagama Emigwaqo yaseThekwini

Imigwaqo emikhulu ethekwini seyiqanjwe kabusha ukuze kuhlonishwe amaqhawe azabalazela inkululeko. U-Aliwal Street uqanjwe kabusha ngoSamora Machel – owayengukhomanda wamasosha ase-Mozambique, umholi wamavukelambuso wezinguquko futhi ekugcineni waba nguMongameli waseMozambique. UMachel wahola izwe lathola inkululeko ngo-1975 waze washona ngo-1986, lapho ibhanoyi lakhe lobumengameli laphaphalaza endaweni enezintaba lapho kuhlangana khona imingcele yeMozambique, Swaziland neNingizimu Afrika. U-Argyle Street uqanjwe … Read more

Amazwi kaMandela Obuhlakani

Sisakuyo inyanga yenkululeko, subungaza amaqhawe adlala indima enkulu ekukhululeni iNingizimu Afrika embusweni wobandlululo. Omunye odume kakhulu ngegalelo lakhe emzabalazweni uNelson Mandela. Ngeshwa, umsebenzi wakhe omningi ubhalwe ngesiNgisi. Namunhla sithathe ithuba lokutolika amanye amazwi akhe obuhlakani ngesiZulu, ukuze siwamome ngolimi lwethu. Amazwi ayishumi obuhlakani ka-Nelson Rolihlahla Mandela. Impumelelo nemali “Impumelelo ayiveli ngemali, kodwa ivela ngokuba nenkululeko … Read more