Inkondlo: Mdali Ngimi Phambi Kwabantwana Bakho

Mdali ngim’ phambi kwabantwana bakho
Kangazi ngiqale ngithini
Kepha bengicel’ into eng’zoyisho
Ze ingadiliki emthini
Kube nguwe wedwa!
Uzong’tshela ukuthi ngithini
Ngingagcini ng’fana nethini
Kenqeza ng’banga umsindo ongazwakali
Naw’ kuthi uthini!

Lapha emhlabeni sesonile kunalolaka olubhokile
kodwa!
Ze singakhohlwa ukuthi uban’ owayes’dalile
Noma singamazanga ngawe nyama
Kodwa imisebenzi yakho siyibonile
Ibilotshiwe phans’ sifundile,
Izinceku zisishumayezile
Ngezindlebe zethu siy’zwile

Lapha emhlabeni es’phila kuwo obhubhayo
Lapho noma ubani esekhonza amthandayo
Sesimkhohliwe yini uJehova owasidalayo?
OWasibeka ensimini engcwele ukuba sidle esikuthandayo
Izithelo zakhe azitshalayo

Akesibheke izingane zethu esizizalayo
Izona esezisishayela imithetho esayakhayo

Lona ongabonwayo kodwa uyena obusayo
Noma singamazanga ngawe nyama

Kodwa imsebenzi yakho siyibonile
Ibilotshiwe phans’ sifundile
Izinceku zisishumayezile
Ngezindlebe zethu sizizwile

Es’khathini samanje umzali uthi
Esajabulela ukuthi unengane kanti leyongane nayo isinengane ngenxa yabangani
Abazingani nabo asebenezingane
Kanti bebonke nje basemathubeni amaningi okuthola igciwane

 

Le nkondlo ibhalwe nguSamkele Mthuli, waseMkhomazi, KwaZulu-Natal

Leave a Comment