Isigubhu siyimfijoli esetshenziswa ukwenza umculo othile noma ilekelele abaculayo. Isigubhu sisetshenziswa izangoma, abantu abasina ingoma, iZiyoni kanye namaNazaretha. Isigubhu ke siwuhlobo lwemfijoli yesintu ngoba uma sakhiwa kusetshenziswa isikhumba sesilwane ikakhulukazi isikhumba senkomo.
Umnumzane Maphumulo ongumfundisi ethempelini okuthiwa iseMpumelelweni endaweni yaseFolweni waqala ukwakha izigubhu ngo-1982. ukuqala kwakhe ukwakha izigubhu wayekade esiza uMnumzane Dlamini okunguyena owayezakha izigubhu. Ngokubona umsebenzi kaMnumzane Dlamini wabe esewuthanda naye lomsebenzi wagcina esewakha. Ziningi ke izinto azisebenzisayo uma akha izigubhu okuye kube amadilamu, ucingo oluqinile, impintshisi, umshini wokusika kanye nesikhumba senkomo, zonke lezizinto ziyathengwa azitholakali kalula. Amadilamu uwathenga enkampanini ekuthiwa Ikwarimu kanti izikhumba uzithenga kubantu abasuke bekade behlabile kanye nocingo aluthenga ezitolo.
Indlela Esakhiwa Ngayo
Usika idilamu libe izihlephu ezintathu okusho ukuthi kuzophuma izigubhu ezintathu, bese usika isikhumba senkomo sibe iziqephu ezine okusho ukuthi isikhumba esisodwa senkomo sikhipha izigubhu ezimbili. Uma ke enquma isigubhu ukala ngaso isihlephu sedilamu bese ephetha lapho esike khona idilamu ukuze liqine lingathambi, lapho ephetha khona ashutheke ucingo ukuze kuqine.
Uma ke isikhumba sesomile siyacwiliswa emanzini ukuze sithambe khona sizodonseka kahle. Uzobe ke esesika bese kusala iziqeshana zesikhumba azozisebenzisa uma esesithunga. Uma sesithungiwe siyanekwa ukuze some ngoba njengoba isikhumba sisuke sicwilisiwe siba manzi kudingeke ukuthi sinekwe elangeni. Uma sesomile siyaphalwa siyaqoshwa ukuze sibe sihle. Izigubhu lezi uma seziphelile uyazidayisa okusho ukuthi lomsebenzi wakhe uyibhizinisi.
English Summary
The Way of Making Drums
Drums are an integral part of most festivities and are made from steel drums with a stretched skin at each end. Drums are used in different categories which are churches, Zulu traditional dances, and also Sangomas use drums when they perform their dances.
To make a drum you need to have a cow skin, drums, strong wire, grinder, and a pair of pliers. You firstly cut the drum into three pieces that will make three drums, and then end off where you have cut the drum with the strong wire by using pliers. Secondly you cut a cows skin into four pieces which will cover the and which is the same size as the drum, then you take the pieces that are left out and use them to sew the drum and to make a handle.
When the drum is finished just take it out to the sunshine so that it will be dry. When it is dry you can design it so that it will look nice. The drum can be sold to the people who needs them and the person who make them get an income.
By Zanele Shange