Indlela Yokwakha Isigubhu
Isigubhu siyimfijoli esetshenziswa ukwenza umculo othile noma ilekelele abaculayo. Isigubhu sisetshenziswa izangoma, abantu abasina ingoma, iZiyoni kanye namaNazaretha. Isigubhu ke siwuhlobo lwemfijoli yesintu ngoba uma sakhiwa kusetshenziswa isikhumba sesilwane ikakhulukazi isikhumba senkomo. Umnumzane Maphumulo ongumfundisi ethempelini okuthiwa iseMpumelelweni endaweni yaseFolweni waqala ukwakha izigubhu ngo-1982. ukuqala kwakhe ukwakha izigubhu wayekade esiza uMnumzane Dlamini okunguyena owayezakha izigubhu. … Read more