Izihlahla zibalulekile emhlabeni nasezimpilweni zabantu bonke ngoba siyaphefumula ngazo, izihlahla zikhipha umoya omusha zona zithathe esiwuphefumulayo omdala. Ngaphandle kwalokho zenza imisebenzi eminingi ukulekela abantu ngezimpilo zansuku zonke lapha sizobheka imisebenzi yezihlahla ezimbili, umsenge nomthombothi.
Isihlahla somsenge
Isihlahla somsenge sitholakala ezindaweni ezisemakhaya nakhona la eThekwini uma ube nenhlanhla uyakwazi ukusibona. Lesihlahla sibalulekile emlandweni wakwaZulu nakubantu abalimayo uma imvula inganethi. Emakhaya uma invula inganethi ngesikhathi ekwakufanele kunethe ngayo abantu babethatha amahlamvu omsenge bawagaye bahambe bayofaka emfuleni. Uma sebewafakile amahlamvu emfuleni kwakudlula izinsuku ezintathu noma ezine imvula iqale ukunetha. Phela uma imvula inganethi umhlabathi usuke ungathambile futhi ungakulungele ukuthi abantu balime ngoba kufanele baqale ngokuhlakula ngaphambi kokutshala. Imvula ibalulekile kubantu abaziphilisa ngokulima ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni zasemakhaya ngoba yenza nezitshalo zabo zikhule kahle.
Isihlahla somthombothi
Umthombothi naso yisihlahla esivamise ukumila ezindaweni zasemakhaya nasezindaweni ezijwayele ukuthi zibe nemvula eningi. Siyisihlahla esiqinile kakhulu futhi esivamise ukuba side sibe nesiqu esikhulu. Lesihlahla sisetshenziswa kakhulu ngabantu basezindaweni zasemakhaya ukwakha izindlu abahlala kuzo ngenxa yokuqina kwaso baphinde bafulele ngaso phezulu endlini. Siyakwazi ukusetshenziselwa ukubiya igceke nokwenza isibaya sezinkomo. Lesihlahla sinobuthi oyingozi uma ngabe wosa inyama noma okudliwayo kodwa uma upheka usebenzisa ibhodwe lobuthi awunankinga ngoba lisuke livaliwe. Kubalulekile ukuthi izihlahla zalapha eAfrika sizihloniphe ngoba zenza umsebenzi oncomekayo sizigcine ukuze abanye bakwazi ukuzibona.
By: Nqobile Mdabe