Sisekuyo njalo indaba yokukwehlukaniswa kwemisebenzi yasekhaya ngobulili, ekhasini lokuqala sibhunge ngemisebenzi yamadoda namakhosikazi, lana ke sithi qaphu ngemisebenzi yabafana nama ntombazane ngoba phela asikhethi iphela emasini. Umsebenzi omkhulu wamantombazane ukupheka ekhaya, ukuze kuphekwe ke kudingeka amanzi kanye nezinkuni zokubasa exhibeni. Amanzi lawa akhiwa emthonjeni, esiphethweni kanye nasemifuleni ngezimbiza zokukha amanzi. Bekuwumgomo ke ukuthi intombazane ivuke ekuseni kusampondozankomo iyokha amanzi okupheka njengoba kungaphekwa nhlobo ngamanzi alalile, bese kuthi ntambama kuphinde kube yiso leso njengoba kungalalwa amanzi engekho egcekeni. Kanti ke nakho ukuyotheza yiwo umsebenzi wamantombazane, ukutheza intezo okuzophekwa ngazo phela, uma kusendaweni engenazinkuni kusetshenziswa amalongwe ukuze kubaswe, amalongwe lawa abuye abe mahle uma kuphekwa utshwala. Lesikhathi amantombazane ayeya ngaso okuyokha amanzi kwakuyisikhathi esihle ukuthi izinsizwa ziyofesa emfuleni zibeka amabili amathathu ezintombini.
Ukuhlanza igceke sisho ukushanela ibala phecelezi kuseyiwo umsebenzi wamantombaza njengoba nakho ukusinda ngobulongwe endlini kuseyiwo umsebenzi wawo amantombazane. Abafana bona bebekhuliswa ngokuthanda impahla, bayinakekele ingadli amasimu abantu, kanye nokuyinakekela emikhuhlaneni, sesibala ukukhipha amakhizane kanye nokuyilolonga nokuphinde banqume izimpondo zezinkomo uma sezizinde kakhulu. Abafana bebeqala ngokwelusa izinkomo zasemakubo, okuthi emva kwalokho baluse izinkomo zenkosi uma bekleziswa sebezobuthwa. Ngaphandle ke kokwelusa abafana babuye baqaphe noma balinde izinyoni emabeleni, kanye ke nakho ukuqapha izimfene okwakuyizona eziwuhlupho kakhulu emasimini.
Brief Overview
This article is the continuation of the first article on gender roles in terms of labour in a traditional setting in KwaZulu-Natal. While the initial one is based on men and women, this article centres around the roles for girls and boys as they also have their collective roles in the homestead.