- Ufipha/Ufiphakazi – Inkomo enombala omhlophe ngokungcolile, lombala ucishe ube mpunga.
- Inzima/Inzimakazi – Inkomo emnyama bhuqe enezimpondo.
- Iklila/Iklilakazi – Inkomo emnyama noma ebomvu, enombala omhlophe onqamule entanyeni ngenjegwababa elimseka. Lenkomo icishe ifane nemfezi kodwa lo mbala omhlophe ufiphele kuyo.
- Impunga/Impungakazi – Inkomo enombala omhlophe nomnyama okhifize ngokulinganayo. Icishe ifane nekhanda lomuntu osekhulile.
- Emaqanda-kawayiba/Emaqanda kawayibakazi – Inkomo emnyama noma ebomvu, ifahlaze ngohoyizana lwamabala amhlophe ezinhlangothini. Lenkomo inombala ofana namaqanda enyoni uWayiba.
- Inyalothi/Inyalothikazi – Inkomo enombala ofana nowamabele lana okuthiwa unyalothi. Imthunuyela ngokunsundu.
- Umdaka/Umdakakazi – Inkomo emthubuyela ngokungcolile, lenkomo icishe ibe nsundu ngokumpofu.
- Umsheko/Umshekokazi – Inkomo emnyama noma ebomvu ebhanqule ngombala kusuka emkhonweni kunqamule umgogodla kuye emlenzeni wakolunye uhlangothi.
- Umlaza/Umlazakazi – Inkomo esamilaza yezulu. Ngathi imhlophe bese iba nemishwi emnyama.
- Unhlekwane/Unhlekwanekazi – Inkomo emdubu bese ikhifiza ngamabala amhlophe njengenyoni uJojo, kokunye ke iba mhlophe umgogodla.
- Emas’avutshiwe/Emas’avutshiwekazi – Enombala ocishe ubemdaka bese ukhifiza ngokumhlophe.
- Ebafaz’bewela – Lenkomo imnyama ngenhla bese iba nombala omhlophe emanqineni.
Imibala yezinkomo – Ingxenye III
Imabala yezinkomo – Ingxenye III
siyabonga