Iketango Umdlalo Wezingane

Lona umdlalo odlalwa futhi othandwa ngamantombazanyana asemancane, nabafana bayakwazi ukuwudlala uma bethanda, lomdlalo ubizwa ngokuthi amaketanga. Ungadlalwa ngabantwana cishe abayishumi noma ngaphansi kwalokho.

Ukudlalwa kwawo
Bonke abadlalayo babambana ngezandla benze indilinga, oyedwa bese engena phakathi kwalendilinga lona ufana negosa lomdlalo ngoba uyena ohola umdlalo lona. Kuba nezinto azishoyo kuthi abanye baphendule kulokho akushoyo. Kuba kanje:

Igosa: NGINGAPHUMA LA!
Baphendule abanye: INSIMBI (bechaza ukuthi ngeke akwazi ukuphuma)
Igosa: NGIPHUME LA!
Baphendule abanye: AMAKETANGA

Umemeza nje ulokhu ezishayisa ezandleni njengoba abantu bebambene lokhu ukwenza ngenjongo yokuzwa ukuthi laba ababambene kuqinile yini ukubambana kwabo. Ngesikhathi eqhubeka nokouzishayisa kanjalo ejikeleza uyezwa lapho kuthambe khona nalapho ekungathi uma eshaya efuna ukuphuma aphume ngaphandle kwesihluku futhi aphume abaleke baphuze ukumthola ngoba bamsukela bonke. Uma esedlubulundelile uyabaleka kuzothi lowo ozombamba uyena ozongena ngaphakathi kwesikokelo, uyena osezoba yigosa baze bonke bathole ithuba lokungena ngaphakathi.

English Summary
Indigenous games were part of everyday life in the olden days for young people who didn’t have any chores to do. There were games that were played by both girls and boys. This game is played by a number of players, the more the merrier.

There is a leader and the rest of the group must form a circle and hold hands very tightly. The leader will start to rhyme words:
Leader: I can go through here!
Group: It’s iron/steel
Leader: I can go through here!
Group: It’s chains

While the leader is saying the above he or she is rotating around the circle trying to go through the boundary made by the hold of hands by the group. At the end he can find an easy target where he passes and runs for his life. The rest of the group chases him until one person gets hold of him. The person who finds him is the leader and the process starts over again until all the group members has had a chance to be a leader.

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment