ICato Manor Heritage Centre

Cato Manor Heritage Centre (Isikhungo Samagugu aseCato Manor)

ICato Manor, eyaziwa ngomphakathi wayo oyingqayizivele wamasiko amaningi, imijondolo yayo, nezindawo ezahlukahlukene zenkolo mhlawumbe yaziwa kakhulu ngomlando wayo omangazayo wokususwa ngenkani. Ukuphrinta okukhulu okumnyama nokumhlophe eCato Manor Heritage Centre kukhombisa ngokusobala, ngobucacile ngokususwa kwabantu, ukuvukela umbuso, iziyaluyalu nokucindezelwa.

Ukugxila ‘ohlelweni lweTheku’ olwaluphethwe futhi lwasetshenziswa izikhulu zedolobha luxhumanisa izingqikithi ezihlolwe eCato Manor Heritage Centre kanye naKwaMuhle Museum ku-Bram Fischer Road okunikeza izivakashi ithuba elihle lokuhlola umlando wamadolobha ngokuvakashela yomibili iminyuziyamu bese ngokuhamba endaweni ebizwa nangokuthi ‘Umkhumbane’ ngabantu bendawo.

Ungayithola kanjani iCato Manor Heritage Centre:

Kubashayeli abasondela emnyuziyamu bevela enkabeni yedolobha: shayela umgwaqo onguthelawayeka ubheke eMgungundlovu. Ngemuva kokufinyelela onqenqemeni lomgwaqo eBerea (nokudlula ngaphansi kwebhuloho, iTollgate) hlala kwesokunxele. Thatha umgwaqo waseMayville bese ulandela amabhodi aye eCato Manor. Ezansi kwegquma jikela ngakwesokunxele uhamba ngomgwaqo uCato Manor cishe ibanga elingu-3km. Ngasezansi negquma umuntu usondela emarobhothini jikela kwesobunxele ngaseNyuvesi bese… ..Manje kuFrancois Road uzodlula igalaji likaphethiloli ngakwesobunxele sakho futhi ngaphesheya nje kwesobunxele kunehhovisi elivimba iNtuthuko Junction. Miswa nje eceleni komgwaqo lesi sakhiwo sakha iCato Manor Heritage Centre esitezi esiphansi. Jikela ngakwesokunxele bese ushayela endaweni yokupaka ihhovisi ebhekwe ngukulawulwa kokufinyelela kokuphepha.

Hlela ngokuvakasha kwakho:

08:30 to 16:00 NgoMsombuluko kuya kuMgqibelo
11:00 to 16:00 NgamaSonto kanye namaHolidi Omphakathi
Kuyavalwa : NgoGood Friday kanye nangoChristmas Day

Ukungena kumahhala: Kumahhala
Ukupaka: kwabazovakashela indawo kuphela
Izikhungo Zomnyuziyamu: Izindlu zangasese zomphakathi, ngaphandle komnyuziyamu.
Izindawo nezitolo eziseduze: Indawo yokudlela encane ingumakhelwane weCato Manor Heritage Centre futhi ihlinzeka ngeziphuzo ezilula.
Okunye: Izindawo ezahlukahlukene zenkolo namathempeli atholakala eduze.

Website: https://durbanhistorymuseums.org.za/cato-manor/

Leave a Comment