Umshado Wesintu Esikhathini Samanje

Esikhathini esiphila kuso yonke into iyashintsha ukwenza. Izinto ebesizibheka njengamasiko sekunezindlela abantu abazenza ngakhona ukuhambisana nesimanje manje. Kulesi siqeshana sibheka kafushane indlela imishado yesintu esiyenziwa ngakhona. Uma umenywa emshadweni wesintu enye yezinto ezithokozisayo ukubona nokuba ingxenye yesipiliyoni esehlukille. Ngisho ngabe usukewaya komunye umshando wesintu phambilini kepha ngeke uwuthole ufana nozowuhamba esikhathini esilandelayo. Lokhu kungenxa yamasiko … Read more

Kwenzekani ngomfanekiso kaShaka

Sekuphele iminyaka kungacaci ngomfanekiso weNkosi uShaka kaSenzangakhona esikhumulweni sezidiza eThekwini. Uzokhumbula ukuthi ngonyaka ka-2010 kwembulwa ngokusemthethweni umfanekiso weNkosi uShaka. Lo mfanekiso kaShaka owakhiwa u-Andries Botha wasuswa ngemuva nje kwesikhashana waba khona ngemuva kokukhononda nokungagculiseki kwaseNdlunkulu okwaholela ekutheni ususwe. Lesi sakhiwo sasitshengisa uShaka emi eduze nezinkomo engaphethe lutho esandleni, ihawu lincikiswe ngetshe okungatshengisanga kahle ubuholi nobukhosi … Read more

Ukulwisana Nokungelona Iqiniso

I-‘Albinism’ kungaba iyahlonishwayo noma iyasatshwa emiphakathini eminingi emhlabeni. Bancane abantu abamkela abane-albinism njengabo bonke abantu. ENingizimu Afrika abantu abathathwa njengabakhubazekile bavikelwe nguMthethosisekelo, namalungelo abo njengabasebenzi avikelwe yi Employment Equity Act. Ukuba khona kwalemithetho yikona okwenza abantu abafana nale 2015 eThekwini Living Legend, uBhekisisa Thabethe benze umsebenzi wabo. UThabethe naye one-albinism ungusihlalo we Albinism Society of … Read more

Ukuzithanda nokuzilungisa

Impilo isishintshe kakhulu uma ubheka izindlela zokuzilungisa nokubukeka umuhle. Inqephu (fashion), ukulungisa ikhanda (hairstyle), ukugqobhoza (piercing), amatatto kanye nemakeup sekuwusiko mpilo olusemgangathweni esikhathini samanje. Sekuyimvela kancane ukubona umuntu ongakwenzile noma okukodwa kwalezi zinto emzimbeni wakhe. Ake sibheke ukubaluleka noma ukuba sesitayeleni kwalezi zindlela zokuzilungisa kakulukazi kubantu abasha. Ezokuxhumana ikakhulukazi YouTube, Instagram, no Facebook ilapho intsha … Read more

Ungaduki elokishini

Impilo yaselokishi bathi imnandi ayifani neyasedolobheni. Kwesinye isikhathi uye ubone sengathi izinto zenziwa ngokufana kepha uma usubhekisisa ubone umehluko lapha nalaphaya. Ukugibela amatekisi impilo yemihla ngemihla emalokishini ngisho ungaya kwesiphi isifundazwe eMzansi. Ukumisa noma ukusayinela itekisi kungayinto ongayinaki kepha ungazithola usudukile noma ususendaweni obungaqondile ukuya kuyona uma uphambanisa amasayini/ indlela yokumisa. Lokhu into ongayithatha kancane … Read more

Ukulungiswa kwezinwele

Kusukela emandulo ukuzithanda nokulungisa izinwele zethu thina bantu bendlu ensundu kuyinto esegazini. Uma ubheka umlando nendlela izinwele ezilukwa noma zilungiswa ngayo kwehlukile kwezinye izinhlanga. Uguquko lokuhamba kweminyaka kutshengisa ushintsho nokwephucuzeka ekulungiseni kwezinwele (zulu hairstyle). Ukulungiswa kwezinwele kuhamba nosiko mpilo (culture) lwabantu kanye nobunikazi uqobo (identity). Izitayela ezinjengamagonda (box braids), amadredi (dreadlocks) kanye nokugunda ikhathi (afro- … Read more