Bavuka, balwa ngenxa yokuthi babecabanga mina nawe,
Kwakungelula, ay cha impela kwakushubile,
Indoda yakhetha ukushiya umfazi nabantwana yakhetha ukuyoba
Ivukela mbuso, ngoba phela imibuso engefanele ukuba semthethweni
Kumele ivukelwe.
Le indoda yayingenasiqiniseko sokuthi izobuya noma isihambisa isidumbu,
Ngesibindi yashona khona
Yalihuba yathi, Senzeni Na, Senzeni Na
Enzani lamabhunu.
Ngiyazibheka lezo zinsuku,
La abantu bakithi bencishwa imfundo eqotho,
Lwaba lunye indoda yathi phathi ngobandlululo,
Phansi ngokucindezelwa ngokubuhlanga.
Le ndoda yathi phansi ngo-dompas,
Ithi ngeke ezweni labomkhulu bayo,
Iphathiswe okwesivakashi esincikisiwe.
Impela ingaphethe zikhali, yashona khona.
Kwazise phela udlame akusilo lwayo kodwa udlame olwabacindezeli
Wabekwa umbuzo othi ‘niyabasaba yini na?’
Yathi ayi asibasabi siyabufuna.
Wabekwa futhi, yathi ay asibasabi siyabafuna.
Yashona khona, iholwa iqhawe lakwantu uRobert Mangaliso Sobukwe
Impela izikhohlakali zohulumeni wobandlululo zayibulala le ndoda.
Zangabulala nje yona kuphela, kodwa
bagingqika abanye abawu68 kwalimala nabanye abawu180.
Okwakubalwa kubo abantu besifazane nezingane.
Zayibulala ngokuba zazingenasimilo. Ziyibulalela ukumela iqiniso,
Kanti azazi ukuthi zizishaya ngokwazo. Ukukhohlakala kwabo,
Kwaqala kwabonakala, kwagqama, kwagqamela amazwe omhlaba.
Kwavusa the young lions, kwavuka oPhila Ndwandwe,
kwavusa oPatrick Chammuso, Kwavusa amaqhawe ango76, oHector Pieterson.
Sithi Nkosi Sikelela thina lusapho lwakho,
Sithi khusela inkululeko yethu eyachithekelwela igazi, sithi:
Mayibuye iAfrika. Sithi Mayibuye iAfrika. Sithi Makuphanyiswe udumo Lwakho
_________________________________________________________________________
Herein I have submitted poetry IsiZulu. It is dedicated to all those who lost their lives at the hands of the barbaric Apartheid state in the Sharpville massacre which took place on 21 March 1960.