Amaqhawe aseMlazi-Senzo Meyiwa

Kujwayelekile emiphakathini esihlala kuyo ukuthi uma kukhunjulwa amaqhawe nabantu ababambe iqhaza emphakathini kube abantu ababambe iqhaza kwezembusazwe nezepolitiki. Akusilona icala ukwenza njalo kepha kubalulekile ukuthi uma kukhunjulwa amaqhawe kungakhethwa iphela emasini. Maningi ke amaqhawe eThekwini kusuka kubantu abangamaciko, abasiza umphakathi ngezindlela ezahlukene, osomabhizinisi kanye nabanye. Kuleli khasi sibhunga ngensizwa engasekho emhlabeni kepha ebidume iNingizimu Afrika yonke, izwenikazi laseAfrika kanye naphesheya kwezilwandle. USenzo Meyiwa ngomunye obengumdlali webhola odumile ngenxa yekhono abenalo. Ubengunozinti we-Orlando Pirates okuyiqembu elidume umhlaba wonke, aphinde abe ngunozinti wezwe laseNingizimu Afrika. Lensizwa ke yazalelwa eThekwini, eMlazi K Section, ngomhlaka 24 Januwari 1984 wabe esedlula emhlabeni ngomhlaka 26 Okthoba 2014 ngokudutshulwa.

Umlando kaMeyiwa kwiPirates uqale ngonyaka ka-2005 engemumva kuka Francis Chansa owayengunozinti ngaleso sikhathi kwaze kwaba unyaka ka-2008.Kuthe ngokufika kuka Milutin Sredojević eqenjini le-Orlando Pirates wabe esenika uSenzo ithuba emdlalweni weqembu namaZulu lapho Pirates yanqoba ngo 2-1 ngonyaka ka 2006. Kuthe ngonyaka ka-2008 kwafika unozinti uMoeneeb Josephs lokho okwaphinda kwamubuyisela ebhentshini. Kodwa kuthe ngonyaka ka-2012 umqeqeshi u-Augusto Palacios wanika uSenzo ithuba lokudlala emshintshanisa noMoeneeb ezintini. Umuntu unconywa ngemisebenzi yakhe ehlabahlosile neveza ubuqhawe bakhe. Naye umfoka Meyiwa waziwa kangaka nje kunobhutshuzwayo ingoba ubezimisela futhi ewuhlonipha umsebenzi wakhe. Ubehlonishwa ngisho abadlali bakwamanye amaqembu ngisho naphesheya kwezilwandle.

This image has an empty alt attribute; its file name is Senzo-Meyiwa.jpg
Senzo “Nzori” Meyiwa

USenzo Meyiwa udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiBafana Bafana ngomhlaka 2 Juni 2013 lapho eyedlala khona neLesotho, emuva kokuba engene esiwombeni sesibili eshintsha uWayne Sandilands ezintini. Ngawo unyaka ka-2013 waba ngabanye babadlali abaya kumqhudelwano obizwa nge-2013 Africa Cup of Nations ehambe nomqeqeshi uGordon Igesund kodwa ke awukho umdlalo awudlala kulowo mqhudelwano. Kuthe kulungiselelwa imidlalo yango-2015 yayo Africa Cup of Nations wanikezwa ithuba lokudlala ngumqeqeshi uShakes Mashaba lapho adlala khona imidlalo emine kwanganena nelilodwa igoli. Lapho wayenikwe ibhande engumholi weqembu wangena nase mlandweni ngokuthi abe ngomunye wonozinti baseNingizimu Afrika abangangenelwanga amagoal emdlalweni eyisihlanu bengokabuteni. Umdlalo wakhe wokugcina waba ngomhlaka 15 Okthoba 2015 iNingizimu Afrika idlala neCongo kanti lomdlalo wawubanjelwe ePeter Mokaba Stadium.

Obunye ubuqhawe balendoda buvele ngonyaka ka-2013 lapho ezikaMagebhula zidlala khona imidlalo yangaphandle lapho abamba khona ama penalty amabili emdlalweni owodwa bebhekene ne TP Mazembe eLubumbashi, DRC. Kuthe emdlalweni olandelayo kudlalwa ne-Al Ahly  eCairo, Egypt waphinda wabamba enye ipenalty, iPirates umdlalo yawunqoba ngamagoli amathathu. Nakowamanqamu bedlala ne-A Ahly kwakuvimbe yena uMeyiwa noma iPirates yaguqa yalala isibili. Eqenjini lezimnyama wenziwa umholi wazo ngomqeqeshi uVladimir Vermezovic ngoba ebona ubuholi bakhe uSenzo kanti umdlalo wakhe wokugcina wawudlala bewudlala ne-Ajax Cape Town ngomhlaka 25 Okthoba 2014 nalapho Pirates eyawunqoba khona ngo 4-1.

Leave a Comment