Amaqhawe aseMlazi-Sandile Zungu

Ilokishi laseMlazi ngelinye lama lokishi amakhulu eNingizimu Afrika, kahle kahle nje uMlazi ilokishi lesibili ngobukhulu kulelizwe lilandela ngemuva ilokishi iSouth Western Township (SOWETO) ngobukhulu. Ingakho ke nje kungamangazi ukuthi inabantu abaningi abadume eNingizimu Afrika ngokuhlukahlukana kwemisebenzi yabo kanye namagalelo abo. Kulokhu ke sethula usomabhizinisi ophinde abe ngumholi ezinkampanini ezahlukene uMnumnzane Sandile Zungu ongumphathi weqembu lamaZulu. Umnumnzane Zungu uzalelwe eMlazi ngohlaka 1o Februwari 1967. Kuthe ngonyaka ka-1983 waqeda ibanga leshumi esikoleni iVukuzakhe High School, emva kwalokho wadlulela eHilton College ngonyaka olandelayo. Ngawo unyaka k-1893 waba ngomunye wabaqokwayo esifundeni sakwaZulu ukuthi abe yingxenye yabayishumi kwi-Old Mutual National Science Olympiad lapho okwakuqhudelwana khona. Kuthe ngonyaka ka-1984 waba ngowesi-81 eNingizimu Afrika yonke kwi-Old Mutual National Science Olympiad.

This image has an empty alt attribute; its file name is Sandile-Zungu580.jpg

UGwabini imfundo uyithathela phezulu impela ngoba ngonyaka ka-1988 wethweswa iziqu zobunjiniyela enyuvesi yase Kapa (Mechanical Engineering degree UCT). Kwathi ngonyaka ka-1995 wethweswa iziqu eziphezulu zeMasters in Business Administration (MBA) khona enyuvesi yaseKapa njalo (UCT graduate School of Business). Ngonyaka ka-200 wabe esethweswa ezinye iziqu eMelika eqeda uhlelo lwe Program for Global Leadership certificate esikhungweni iHavard Business School, eBoston. Imfundo nokuzimisela kukaManzini yinto intsha eningi ikakhulukazi ekhulela emalokishini kanye nasezindaweni zase makhaya engakufunda kuyena. UZungu ukutshengise ngokuzimisela ukuthi empilweni ungaba nanoma yini ofisa ukuba iyona uma nje unentshisekelo futhi uphokophele ukuthi uphumelele. Ungomunye wamaqhawe aseMlazi ngoba ungumuntu abantu abangabukela kuyena baphinde bafunde lukhulu futhi nangaye. Akagcini nje ngokuba isikhulu seqembu lamaZulu elidlala esigabeni esiphezulu eNingizimu Afrika, kepha uphinde abe ngumholi nomphathi wenkampani yakhe ebizwa ngokuthi yi Zungu Investments Company (Proprietary), aphinde abe kwisigungu seDenel.

Leave a Comment