Ukufika kwamaNdiya eThekwini kuholele ekutheni abantu bahlale endaweni eseduze nezindawo abaqashwe kuzo. I-Magazine Barracks yayingenye yendawo eyayisetshenziswa yilezi zisebenzi iminyaka engaphezu kuka-80. Lendawo ihlanganisa umhlaba osesisetshenziswa yisiteshi samaphoyisa iDurban Central, inkantolo kanye nethempeli likaSomtseu Road. Itholakala ku-Argyle Road, Umgeni Road, Stanger Street kanye noBrickhill Road.
IBarracks yasungulwa ngonyaka ka-1880, lapho ithimba labasebenzi baseNdiya ababeqashwe ngumkhandlu wedolobha laseThekwini. Abazange bathunyelwe ezindaweni zikashukela, kodwa basebenza ukushanela emgwaqweni, abasusa inhlabathi ebusuku nasezindaweni zasengadini. Baqala ngokugcinwa eTram Barracks kuPoint road kwathi ngokuhamba kwesikhathi bayiswa eMagazine Barracks. Ngonyaka ka-1966, imindeni engaphezu kuka-2000 yahlala e-Barracks. Babehlala ezindlini ezakhiwe ngamapulangwe nensimbi abanye ezakhiwe ngezitini futhi bahlukaniselana amanzi nezindlu zangasese. Izinhloko zemizi bekuyizisebenzi zika masipala.
Ngokushesha kwasungulwa isiko labo njengomphakathi futhi izindlela zabo zokuphila ezihlukile zaba nendima ekulondolozeni isiko nenkolo yabo iqine. Ngaphezu kwalokho bazibandakanya kwezemidlalo kanye nemizabalazo yezombangazwe yangaleso sikhathi. Bajoyina iNatal Indian Congress njengoba benxenxwa yizazi zezombusazwe ezijwayele ukuvakashela eBarracks okuhlanganisa noDkt Monty Naicker.
Ukugcina isiko labo
Ukuze bagcine isiko labo, benza imisebenzi yamasiko efana nemikhosi yokudansa yaseThirukoothu noma i-six foot dance festivals, babambe iqhaza ezingxoxweni zezenkolo nemikhosi yengoma nemidanso, kanye nemidlalo. Ithempeli elaziwa kakhulu kwakuyiSomtseu Road Temple. Indawo yokwakha leli thempeli yathengwa kumasipala ngenani lika-200 pounds iqembu labasebenzi baseNdiya ngo-1898. Leli thempeli labe selaziwa ngokuthi yiDurban Hindu temple. Ithempeli laliphinde libe yindawo ephephile yabalimi bemakethe ababevela ezindaweni ezikude ngamahhashi nezinqola. Amanye amathempeli akhiwa iTamil Baptist Church, iSomtseu Kovil kanye neVishnu Temple.
IMagazine Barracks yabona abantu abadumile nasemculweni nasezinkundleni zemidlalo. Umuntu owayedume kakhulu kwezemidlalo kwakunguSam Ramsamy owayengumbhukudi nomsindisi wempilo futhi kamuva waba uthisha. Ngeminyaka yawo-1900, waba yinhloko yeSA Olympic Committee. Izishoshovu zezombusazwe zazifaka phakathi uSwaminathan Gounden owaqala iYoung Communist League kanye neRed Rose Social Club, umfowabo uRK Gounden wayengusihlalo weDurban Indian Municipal Employee Society Dimes iminyaka engu-25. Yabe seyaziwa ngeDurban Integrated Municipal Employees Society.
Ngo-1914, umkhandlu wedolobha wabiza iMagazine Barracks ngokuthi ayifanele ukuhlala abantu futhi kwadingeka ukuthi ibuyiselwe, kodwa ngo-1948, lapho uMthetho weGroup Areas Act usetshenziswa yi-National Party, izakhamuzi zathuthelwa eChatsworth, ePhoenix nakwezinye izindawo ngokuvumelana nohlanga lwabo. IBarracks manje yayisiqophe owayo umlando. Ngeminyaka yawo-1990, iMagazine Barracks Remembrance Association yaqalelwa ukugcina nokunakekela umlando wabo nezakhamuzi ezisaphila.
Ibhalwe uYoveshine Pillay
Umthombo: The Post Newspaper. Page 16. Nov 2010.
*Qaphela: Omunye wababhalisile we thu (subscribers), uJoe Nadar, owazalelwa eMagazini Barracks ukholelwa ukuthi lesi sihloko esingenhla siqukethe izinto okungezona. NgokukaNadar, iningi lezakhamizi lasuka eBarracks ngaphambi kuka-1966, iningi labantu lathuthelwa eChatsworth Units 3a, 3b kanye no-5 phakathi kuka-1964 no-1965. ithempeli eliseBarracks, hhayi ithempeli iSomtseu Road, elinabantu cishe bonke abakhuluma isiTamil nesiTelegu benkolo yamaHindu ababeya eVishnu Temple. Ithempeli iSomtseu Road lalibizwa ngokuthi ‘Kali Ma’ Tample abantu baseMagazine Barracks futhi lalihanjelwa abantu abakhuluma isiHindi ababehlala ngaphandle kwaseBarracks. ITamil Bible College kwakuyiSonto LamaKristu eduze kwaseBarracks, ngakho-ke lalingavamile ukuhanjelwa abantu benkolo yamaHindu.