Ukukhuliswa kwengane yentombazane uma isithombile kusho uthi izinsizwa sezingayimisa, zizibike yize kungabekwa ngembaba. Kulesi siqheshana sibheka umhlonyane nokwehluka kokwenza esikhathini samanje.
Umhlonyane sikhule sazi ukuthi wenzelwa ingane yentombazane esuke ikhuliswa. Intombazane ihlatshelwa imbuzi igqokiswe umhlwehlwe ingena esigcawini nantanga bayo bayibhikle( basine). Okubalulekile umhlonyane wenzelwa intombazanyane ukususa esigabeni sobungane isiqala esobutshitshi ngokukhula kwayo.
Kepha asikhathi samanje abantu sebenokwenza ngokwehlukile. Kuyamangaza futhi kuyadida uma uthola owesifazane osekhulile ethi wenzelwa umhlonyane. Uma ubuza ukuthi kwenzeka kanjani lokhu, omunye uthe lokhu kuye kube ukuthi abazali babekade bengenawo amandla okwenza omhlonyane ngesikhathi esifanele kepha benesifiso. Lapho kuthi uma sebenamandla bakwenze noma isikhathi sesedlulile. Abanye bathi loku kwenziwa abantu abadala abangasekho.
Uma ubuka inhloso yokwenzelwa umhlonyane okuwukukhuliswa, uma wenzelwa usuvele usukhulile kuveza indida. Kepha ke isikhathini samanje izinto zenziwa ngezindlela ezihlukile nangezizathu ezahlukene. Lokhu kusho ukuthi umhlonyane awusanzelwa nje intombazanyane kepha sekubuye kwenziwe nanoma isikhathi sesadlula.