Umemo

Ezindaweni ezisemakhaya kunezinto ezenziwa imiphakathi yakhona ngokubambisana ukuze basizane ngezinto zangemihla ngemihla. Lokhu kugqugquzela ukuzwana ngaso sonke isikhathi, isibonelo njengokusiza lapho omakhelwane babebolekana imfuyo uma kukhona ongenayo ukuze akwazi ukuphila nomndeni wakhe bengalindele nkokhelo. Kodwa ngenxa yokushintsha kwezikhathi esiphila kuzo ezinye zalezinto ziyashabalala noma zishintshe kunangesikhathi sakudala.

Ngezikhathi zakudala kwakunento eyayibizwa ngokuthi umemo, lolumemo lwaqalwa omama bendawo ngenxa yokubona ukuthi izinto azenzeki kahle uma uwedwa futhi azisheshi njengoba uma kuqhathaniswa nokuthi bazenze bebaningi. Imbangela yokuthi umemo luqalwe ngomama yingoba isikhathi esiningi obaba babesebenza kude nasemakhaya, kube omama ababheka ukuthi izinto zihamba kahle yini ekhaya. Esikhathini sakudala babembalwa abantu abakwazi ukubhala futhi babengahlali emakhaya ngenxa yomsebenzi, lokhu okwakuholela ekutheni izinto zingabhalwa phansi kodwa kwakuxoxiswana futhi engekho obukela omunye umuntu phansi. Lokhu kwakugqugquzela ukuthi uma kukhona ongcono ngasesimweni sempilo akwazi ukusiza lowo osuke ethwele kanzima.

Konke lokhu ababesuke bekwenzela omunye umuntu kwakusuke kusuka othandweni bengalindele nkokhelo kulowomuntu. Abantu bakuqala babelekelelana uma bakha imizi. Kwakuye kuthi uma kuzokwakhiwa indlu komunye umakhelwane bahambe baye kolekelela khona nokwakwenza indlu isheshe iphele. Ngalesosikhathi kwakusande izindlu ezakhiwa ngodaka, amasoyi, utshani nezezibonda. Kwakuye kuphunywe kuyiwe koxovwa udaka kulowomuzi, kugaxwe indlu iphele ngokushesha. Kwakujwayeleke ukuthi izindlu zifulelwe ngotshani, lokhu kwakuwumsebenzi wabantu besifazane babephuma baye kosika utshani bokufulela indlu, kuthi abantu besilisa bangenelele ngokufulela.

Lolumemo lwalwenza nomuntu oxakeke kakhulu anganakeki ngoba wayekuthola ukusizakala komakhelwane bakhe. Kwakuthi uma kushoniwe luphinde futhi umemo lupheke ukudla likuhambise lapho kusuke kuvele khona isifo, ukuze umndeni oshonelwe ungabuzwa kakhulu ubuhlungu noma ukusindwa yizindleko zokushonelwa. Abantu bakuqala babesingathana bengenawo umona futhi bengahlebani.

Ngezikhathi zasehlobo okusuke kuyisikhathi sokutshala, nangaso lesisikhathi babephuma baye kolekelelana emasimini ukuze kube nokudla okuningi. Kwakuye kuthi nalowo ongasenawo kahle amandla okulima angasweli ngoba wayelekelelwa ukuze naye abe nakho ukudla. Impilo eyayiphilwa kudala yehlukile kunale ephilwa esikhathini samanje ngoba manje abantu balindela inkokhelo noma uma umuntu ekuphekisile uma unomcimbi ukubuyise lokho omphekise ngakho. Okunye osekuwumkhuba ongemuhle esikhathini sanamhlanje ukuthi umuntu uma ekumema abhale ukuthi ucela umphekise ngokuthize kuthi bonke abantu abalethile izipheka babhalwe phansi.

Leave a Comment